IPolokwane City ijike umqondo ngoMakola noMhlongo
Intatheli yeMpempe
Isikhulu esiphezulu u-Tincy Tema, usechazile ukuthi kungani iPolokwane City isijikile isinqumo sayo sokunikeza uMpho Makola noJoseph Mhlongo izinkontileka ezintsha.
Ngesikhathi iPolokwane City ilanda uMakola noMhlongo ngasekupheleni kwesizini edlule, yaveza ukuthi bazonikezwa inkontileka yeminyaka emibili uma benyukela kwiDStv Premiership.
Izinkontileka zesikhashana zaphela ekupheleni kukaJuni kanti laba badlali bobabili sebekhululekile ukuthi basayine kwamanye amaqembu.
Ekhuluma nabeSowetan kuleli viki, uTema ukuqinisekisile ukuthi bobabili laba badlali abasekho ezinhlelweni zePolokwane City.
“Into ukuthi izinkontileka zabo zifike la ziphela khona. Khumbula ukuthi sibanikeze izinkontileka zesikhashana,” kusho uTema.
“Uma ubheka badlale imidlalo engaphansi kuka-10 njengoba besivele sesingasekupheleni kwesizini.
“Sibabize ukuze bazosisiza, sabanika izinkontileka zesikhashana. Kodwa kuthe uma sesihlala phansi sibheka esinakho, nalokho esifuna ukukuzuza, sibone kufanele singazivuseleli izinkontileka zabo.
“Ngakho bebengekho ezinhlelweni zethimba labaqeqeshi. Kodwa bekungesona isinqumo esilula. Ngakho-ke, ngeke sibethelwe esiphambanweni ngokungavuseleli izinkontileka zabo.”
Njengoba kubabhedele oMakola noMhlongo, uLucky Baloyi yena ugidelwe elakubo njengoba ezonikwa yena enye inkontileka.
“ULucky Baloyi simgcinile futhi sisazosayinisa abanye,” usho kanje uTema basazoqhubeka nokuqinisa iqembu.
FUNDA NALA: U-Edson Castillo usefikile eNaturena, uchazekile ngeNaturena
IPolokwane City isivele isayinise uGiven Mashikinya obegijima kwiSekhukhune United no-Oswin Appollis obekwiPretoria Callies.