EzakamuvaiDStv Premiership

UTHI BEWAZI: Kunabadlali abadala kunoMokwena kwiPremiership

URulani Mokwena usanda kukhala ngokuthi abalandeli bebhola kuleli bayakhohlwa wukuthi useneminyaka engu-37 nje kuphela.

Ukusho lokhu kulandela ukusolwa ngokuhlulwa yiCaf Champions League, athi udinga iminyaka emine ukuze ayinqobe. 

Lokhu kwamlethela ukugxekwa, kuthiwa udlala ngesikhathi. Nokho yena usemncane futhi ubona esenesikhathi sokunqoba inqwaba yezicoco.

“Ngenze isethembi kubalandeli beSundowns ukuthi ngizoyinqoba,” kusho uMokwena kwabezindaba muva nje. 

“Ngiyindoda eyimelayo into yayo. Ngiyafuna ukuba kuleli qembu, yingakho ngisayine inkontileka yeminyaka emine. 

“Inhloso yami wukuba lapha ngizame nsukuzonke ngakho konke okusemandleni ukuthi ngigcine ngiyilethile indebe yeChampions League. 

“Sengike ngabhekana nakho phambilini (ukusolwa) futhi kukaningi ngihluleka empilweni.

“Yingakho ngiyijabulela impumelelo ngoba ngiyazi ayinaso isiqiniseko. 

“Sengike ngahluleka izikhathi eziningi phambilini, namanje ngenye yalezo zinto, futhi ngizokwamukela. 

“Enye yezinto abantu abazilibalayo ngami – bazikhumbule uma kuthanda bona – wukuthi ngiseneminyaka engu-37 kuphela.

“Futhi wunyaka wami wokuqala lona ngingumqeqeshi ngokuzimela kwiMamelodi Sundowns.” 

Njengoba eqhakambise iminyaka yakhe, kube sekuvela abamlekelelile, beveza ukuthi kukhona ngisho abadlali abadala kunaye ngokweminyaka. 

Kulaba badlali kukhona izinkunzi ezimidwayidwa o-Onismor Bhasera noNazeer Allie phakathi kwabanye. 

Nalu uhlu lwabadlali abasadlala emaqenjini eDStv Premiership abadala kunaye:

  • Bernard Parker, 38
  • Onismor Bhasera, 38
  • Nazeer Allie, 38
  • Washington Arubi, 38
  • Lindokuhle Mbatha, 38
  • Denis Onyango, 38 
  • Siyabonga Mpontshane, 38.
  • Clayton Daniels, 39
  • Vuyo Mere, 40.