UVictor Gomes uqokelwe esikhundleni esiphezulu kwiCaf
Intatheli yeMpempe
Owayengunompempe waseNingizimu Afrika uVictor Gomes useqokwe waba yiphini likamengameli ekomidini lonompempe ngaphansi kweCaf.
UVictor Gomes, oneminyaka engu-40, ubeke phansi indweba yakhe ngasekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar.
Kodwa uthathwa njengomunye wabanolwazi olunzulu kulo mkhakha ezwenikazi.
Usanda kuqokwa njengosihlalo wekomidi lonompempe kwiSouth African Football Association (Safa).
Umengameli weCaf, uPatrice Motsepe uthe leli komidi libaluleke kakhulu kwazise ukukhula kwebhola kuncike kubo onompempe.
“Ubuqotho, ukuzimela kanye nokwethembeka konompempe, amakhomishana omdlalo kanye nabaqaphi beVAR – bonke babalulekile ekukhuleni kwebhola e-Afrika,” kusho uMotsepe.
Nawa amanye amalungu amasha aleli komidi aqinisekiswe yiCaf: Umengameli nguHugues Alain Adjoyi waseBenin kanti iphini lakhe uVictor Gomes waseNingizimu Afrika.
Amanye amalungu yilawa:
Fatou Gaye waseSenegal
Dombouya Aboubacar waseGuinea
Ali Mohammed Ahmed waseSomalia
Tesfanesh Woreta akalandeli muntu. Autodesk_new
Djamel Haimoudi wase-Algeria
Hadqa Yahya wase-Morocco
Oliver Safari Kabene umakadebona waseDemocratic Republic of the Congo
Louzaya Rene Daniel waseCongo
Inacio Candido wase-Angola
Gladys Lengwe waseZambia
Aminu Shantali Shuaibu ungowaseNigeria