EzakamuvaIbhola

URowan Human uphawula ngokugxekwa kwabo uKadodia

Sbongs Gumbi

Inkulumo kasihlalo weMaritzburg United uFarouk Kadodia ayihlalanga kahle kubadlali, ngokusho komunye wabo uRowan Human. 

UKadodia wakhipha isitatimende esola umqeqeshi uFadlu Davids ngokuthi umqondo wakhe ubungasekho eqenjini ngesikhathi lidlala kweyokuhlunga. 

Nabadlali wabakhomba ngenjumbane, ethi abazinikelanga ngendlela egculisayo nekhombisa intshisekelo yokuvika izembe. 

“Sibone sengathi kukhona abathile abasidayisile. Indlela abadedele ngayo amagoli ngezikhathi ezibucayi ngesikhathi silwela ukuvika izembe isolisile,” washo kanje uKadodia. 

“Ukungabi nomdlandla wokuhlasela ukuze sithole igoli lokuwina kumbozwe wukuvala emuva ngendlela engajabulisi. 

“Kusiphula inhliziyo ukubona ukuthi kunabathize abasize labo abebesifisela okubi yize iqembu belizifeza zonke izimfanelo zezinkontileka zenu. 

Besiyikhokha ngesikhathi esifanele imiholo. Lokhu bekwenzeka ngesikhathi kunemibiko yokuthi amaqembu athize ayehluleka wukuholela abadlali ngendlela efanele.

“Ngaphandle nje kokungabaza, le sizini ibinezingqinamba eziningi, kodwa ishlulekile wukumelana nazo.”

Ebuzwa ngale nkulumo ngabeRadio 2000 kuleli viki, uRowan Human uthe abayithathanga kancane kwazise iyabahlambalaza.  

“Ngicabanga ukuthi (abadlali) abazange bakuthathe kancane lokhu, ngoba ekugcineni amagama abo nesithunzi sabo esingcoliswa yilesi sitatimende,” usho kanje.

“Kodwa usihlalo ukhulume ngentukuthelo futhi njengomnikazi weqembu, nginesiqiniseko sokuthi akulula ukubona iqembu lakho likulesi simo. 

“nawe  ngeke ujabule ngakho usihlalo ukhulume ngokudinwa kodwa abadlali abaningi abazange bakuthathe kahle lokhu,” kusho uRowan Human. 

FUNDA NALA: ‘Wenelisekile’ umqeqeshi weBafana Bafana yize icononozela nje

Ukhuluma kanjena nje lo mdlali wasemuva yena ungomunye wabebenza kahle noma izinto zingahambanga kahle. 

Indlela adlale kahle ngayo imdonsele amehlo eSuperSport United neKaizer Chiefs okuthiwa bafuna ukumsayina.