UMabasa ubase i-Arrows, ujabulele ukuba sekhaya
SIHLE NGUBO
Uthumele umyalezo kubalandeli wokuthi usebuyile umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, ngemuva kokushaya amagoli amathathu ngoMgqibelo.
EZimnyama zihlaze iLamontville Golden Arrows ngo 7-1 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium.
“Sengibuyile ekhaya. Ngilapha ukuzoshaya amagoli,” kusho uMabasa oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
“Anginamazwi okuchaza ukuthi ngizizwa kanjani. Bekumele silungise amaphutha esiwenze emidlalweni emibili edlule.
“Ngiyajabula ukuthi namuhla siwasebenzisile amathuba ethu.
“Leli yiqembu elinzima. Singaya kude kakhulu naleli qembu uma singasebenzisana, silalele namacebo abaqeqeshi.”
IPirates ayizange iyinike ithuba i-Arrows umdlalo usaqala. Ibilincinza kuvalwe amehlo emzini wezivakashi emizuzwini yokuqala.
Lokhu kugcine kuthele izithelo ezinhle ngomzuzu ka-11uMabasa eliqobela phakathi.
Zibuyile futhi eZimnyama ngomzuzu ka-14 zashaya igoli lesibili nelize noRelebohile Mofokeng.
Ike yathi ukubambelela i-Arrows kodwa kwaphinde konakala ngomzuzu ka-33 uKabelo Dlamini eliqabulisa inethi.
Umdlalo bekumele uye ekhefini kungu 4-0 kodwa uMabasa wayigeja iphenathi ngomzuzu ka-46+3.
Nokho lolu nkonko lomgadli lubuyile ngesiwombe sesibili, ngomzuzu ka-51, lwashaya igoli lesine lePirates.
Ngemuva kwalokho zivele zehla ngohologo kakhulu kunakuqala, iPirates seyivuke umbhejazane.
USandile Mthethwa ushaye igoli lakhe lokuqala lesizini ngomzuzu ka-75, kwathi uLungelo Nguse washaya elokubika le-Arrows ngoka-77.
UMabasa ushaye igoli lakhe lesithathu ngomzuzu ka-78, kwayiphinda ukudedela amagoli ayisithupha i-Arrows.
Nokho bekungakapheli ngoba ngomzuzu ka-90+3 uKarim Kimvuidi ushaye elesikhombisa wahlazeka kakhulu kunakuqala uSteve Komphela neqembu lakhe.
FUNDA NALA: Okusha ngeYanga negoli eliphikwe koweDowns
Abafana Bes’thende sebeke bahlazwa yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 kumasizini edlule, kwagcina ngokuthi kuxoshwe umqeqeshi uLehlohonolo Seema.