EzakamuvaIbhola

ObekwiDowns ushiyile wathola iqembu elisha

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns seyiqinisekise ukuthi uThembinkosi “Nyoso” Lorch uselishiyile ngokuphelele iqembu ngemuva kokuba yingxenye yalo iminyaka emibili.

Ompetha beligi bavalelise ngokusemthethweni kuLorch, ofike kubona evela kwi-Orlando Pirates kumasizini amabili edlule.

Ngemuva kokushaya into ecokeme kwiFifa Club World Cup ebise-USA, uLorch, bekubhekeke ukuthi athole iqembu elisha noma ahlale kwiWydad Athletic Club yaseMorocco.

Lo mdlali ubesemabhukwini eMamelodi Sundowns kodwa ebolekiswe kwiWydad ngesizini edlule, kuze kuphele uJulayi nonyaka.

Leli qembu beliqeqeshwa uRulani Mokwena okunguyena olande uLorch noCassius Mailula ukuthi bazodlala kwiWydad.

UMokwena ushiyile kuleli qembu ekupheleni kwesizini edlule, waphuthelwa ukuya nalo kwiClub World Cup

ULorch noMailula bebeyingxenye yeqembu kulo mqhudelwano (iClub World Cup) futhi bobabili bashaye amagoli.

Kugqame kakhulu amava nobuhlakani bukaLorch, kwabukeka sengathi uzithengise ngokwanele ukuthi athole iqembu elizomthenga.

Njengoba eseshiyile kwiSundowns kuvela ukuthi useyodlala kwiWydad asayine kuyona inkontileka yeminyaka emibili.

“Ngemuva kweminyaka emibili engeke ilibaleke, isicoco seligi, imidlalo engu-26, amagoli ayisikhombisa nokusiza ukuwakha amane, iYello Nations iyabonga kuThembinkosi Lorch,” kusho isitatimende seDowns.

“Sikufisela konke okuhle njengoba uqala isahluko esisha ohambeni lwakho.”

ISundowns iphinde yaqinisekisa ukuthi useshiyile uNeo Maema naye obeselizwa ngendaba ijezi kuBafana Ba’Style.

Uma kuya ngamazwi omqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ukuthi ufuna ukunciphisa iqembu, bakhona abanye abadlali abazoshiya iSundowns.

Kubadlali elingacaci ikusasa labo eChloorkop kukhona uThapelo Maseko okungeke kumangaze uma ehlukana neqembu maduze.

Omunye osengozini yokuchithwa Abafana Ba’Style uTerrence Mashego okumanje useqenjini lesizwe iBafana Bafana, elidlala imidlalo yeCAF African Championship (CHAN).