‘Lingawa licoshwe zinkukhu,’ kusho uMkhize ngokuthengiswa koThongathi
Alfred Ngubane
Indodana kaNicolas Mkhize, ongumsunguli woThongathi FC, uBhoya Mkhize ushaya phansi ngonyawo uthi ilanga lingawa licoshwe izinkukhu uma kungadayiswa iqembu likayise.
UMkhize uthi ayikho incwadi ephuma ebhange egunyaza ukuthi iqembu lidayiswe ngoba lingaphansi kwamafa angakabiwa.
“Komele abammeli basichazele kabanzi ngempela ukuthi bakwenza kanjani lokho (ukudayisa iqembu),” kusho uMkhize.
“Leli qembu mfowethu kumanje linezikweletu eziningi. Angingabazi ukuthi umama omncane uMpume Nhlumayo engakwenza lokho (ukudayisa iqembu).
“Vele nangaphambilini wake wazama ukukwenza lokho kodwa wahluleka,” kulanda uMkhize.
“Umfowethu omncane wamxosha eqenjini, walanda abakubo lapho ezalwa khona ukuthi bazophatha iqembu likaBaba.
“Manje njengoba sekudume ukuthi lidayiselwe iMilford FC yaseRichards Bay nje, mina angazi nomndeni, nabafowethu asazi lutho.
“Kodwa ngibona ukuthi uDkt. Xanti Pupuma uthenge ingulube isesakeni,” kuphetha uMkhize. Uthe lolu daba luzoqopha umlando njengoba sebeludlulisele kubammeli.
FUNDA NALA: UBanda useyifake icala kwiFifa iChippa United ngokumxosha
Akafunanga ukuphumela obala ngokuthi ngabe uyalele abammeli ukuthi bakumise yini lokhu kudayiswa kweqembu.
IMilford ikumemezele ngoLwesihlanu ukuthi seyisithengile isitifiketi soThongathi sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship.