EzakamuvaIbhola

OweBafana Bafana uvikela uMabasa ohhahhanyezwe abalandeli

Sbongs Gumbi

UTshegofatso Mabasa ubhekane nezikhathi ezinzima eKing Zwelithini Stadium abalandeli bemhhahhameza bethi akakhishwe iBafana Bafana ihlula iBotswana ngo 2-1 kwiCosafa Cup.

Lo mgadli we-Orlando Pirates ubegeje amathuba kanti ukudlala kwakhe bekungeyona lento ebilindelwe kuye. Lokhu kubacasulile abalandeli.

Kodwa umqeqeshi weBafana Bafana, uMorena Ramoreboli umvikelile lo mgadli, wachaza nokuthi yini abebeyifuna kuMabasa kulo mdlalo. 

“Asikhulume iqiniso. Abalandeli baseNingizimu Afrika banjalo. Uma wenza kahle bayakuthanda futhi bayakweseka. 

“Kodwa uma wenza amaphutha bavama ukuphelelwa yisineke, baqale bakusole,” kuchaza lo mqeqeshi weBafana Bafana.

URamoreboli uthi kulindelekile ukuthi abalandeli baveze ukuphoxeka kwabo ngendlela abenze ngayo.

“Kulindelekile. Kodwa njengomdlali, uma izinto ezinjengalezo zenzeka, yilapho uthi, ‘ngaphambi kwalo mqhudelwano, benginje. Ngakho imizuzu engu-45 ngeke ingenze umdlali omubi.”

“Ngebhadi izizathu zethu zokukhipha uTshego zingase zehluke kulokho okubonwe abantu. Nezizathu zokumdlalisa zingase zihluke kulokho abantu abakucabangayo.

“Ngesikhathi siqala ngoTshego bekungenxa yokuthi besidinga umuntu okwaziyo ukubamba ibhola phambili. 

“Kodwa ngesikhathi sesijaha umdlalo, sesilandela ngemuva yilapho sibone khona ukuthi asisamdingi obamba ibhola, sidinga ozogijima. 

“Lokho kungenxa yokuthi bekwenza udonga lwasemuva luqine, futhi bekumele sithole indlela yokulubhodloza. 

“Kulapho ke bese sidinga khona umuntu ozokwazi ukubagijimisa, safaka uLetsoalo.”

Lo mqeqeshi weBafana Bafana ukholwa wukuthi uMabasa uzokwazi ukudlula kulesi simo abhekane naso. 

Uthi noVictor Letsoalo ubhekane nokufanayo emdlalweni wabo wokuvula kulo mqhudelwano phakathi neviki.

“Nasemdlalweni odlule ugxekiwe ngoba ugeje amathuba. Ngakho, yinto yasebholeni le. UTshego uzobuya ashaye igoli bese bemshaya izandla bona kanye laba abebemgxeka.

“Ngakho-ke kumele sikuqonde ukuthi yibhola. Abalandeli bafuna ukubona iqembu linqoba. 

FUNDA NALA: ‘Lingawa licoshwe zinkukhu,’ kusho uMkhize ngokuthengiswa koThongathi

“Futhi akunandaba ukuthi ubani oshaya igoli. Kufanele nje ungene enkundleni uzimisele futhi wenze okusemandleni akho.

“UTshego ungumdlali okhokhelwayo, uyazi ukuthi iyohlale ikhona ingcindezi, ikakhulukazi yabalandeli,” kusho uRamoreboli.