EzakamuvaIbhola

Ithi ‘kwagogo eZola’ imenenja yoxoshwa kuMaZulu

Ishaya phansi ngonyawo imenenja yomunye wabadlali okuvela ukuthi balengelwa yizembe kuMaZulu FC, ithi lokhu ngeke kwenzeke ngentando yeqembu. 

Lokhu kulandela ukuputshuka kwezindaba zokuthi Usuthu lusezinhlelweni zokuchitha ingxenye yabadlali balo ngenhloso yokwehlisa izindleko.

Kuthiwa baningi abadlali abanezinkontileka kuMaZulu kodwa abangekho ezinhlelweni zabaqeqeshi okwenza iqembu libone kuwukudlala ngemali ukuqhubeka nokubaholela.

Impempe ike yabika ukuthi omunye wabadlali abadala kuMaZulu, uGeorge Maluleka akasaneme ngesimo sakhe njengoba engadlaliswa.

Kuvela ukuthi naye kungenzeka abe ngomunye wabakhululwayo uukuthi bayozama kwenye indawo. 

Omunye wabo nguMswati Mavuso oselokhu asayina akakaze adlale nowodewa umdlalo kuleli qembu kodwa imenenja yakhe ishaya phansi ngonyawo.

Ngokubiika kweFAR Post, imenenja kaMavuso, uMinenhle Mkhize, uthe uma Usuthu lungasamfuni lo mdlali kumele lwenze into efanele. 

UMavuso, uSiphesihle Maduna, uMxolisi Kunene noMfanafuthi Mkhize kubikwa ukuthi sebevele bazitholile izincwadi ezibazisa ukuthi umsebenzi uphelile.

UMaduna yena usevele ushiyile njengoba leli qembu likuqinisekisile ukuhamba kwakhe ngoMgqibelo emini.

“Ngokomthethosisekelo wezwe inkontileka yomuntu oqashiwe kumele ihlonishwe,” ucashunwe esho kanje uMkhize.

“UMswati usasalelwe yizinyanga ezingu-18 kwinkontileka yakhe naMaZulu. 

“Uma befuna ukuyinqamula, kumele bamkhokhele imali yalezi zinyanga ezingu-18 bese sishaya isishwaphana sethu sibashiye.

“Lento yabo yokuzama isigaba 189 ngeke isebenze kithi. Iyihlaya nje, ukuyicacisa kafushane. 

“Sebezame yonke into kusukela ekumholeleni sekudlule isikhathi kuya kule yalesi sigaba manje.

“Thina sizolwela ukuthi kwenzeke into elungile. Ngeke sivume ukubanjwa ngophondo sibhekile, abantu babalekele ukwenza into efanele sibhekile. 

“Yibo abavuselela inkontileka kaMavuso, bazinikela ekutheni bazomholela izinyanga ezingu-24,” kucacisa uKhabazela.

Kuthiwa okhulumela AmaZulu, uPhilani “Pro” Ndlela unqabile ukuphawula ngalolu daba. 

UMavuso wasayina kuleli qembu ngesikhathi sikaRomain Folz, inkontileka yakhe yelulwa ukuthi ize iphele ngoJuni ka-2025.