EzakamuvaIbhola

IChiefs ikhathazekile ngoBilliat onyamalale kade ebike ukugula

Njabulo Shezi

UKhama Blliat ubebike ukugula ngaphambi kokunyamalala kwiKaizer Chiefs aphelelwe yinkontileka kuyo ekupheleni kukaJuni. 

Lokhu kuvezwe okhulumela leli qembu uVina Maphosa ngoMsombuluko kusihlwa, ethi noma ngabe akasabuyi, bengajabula ukwazi ukuthi unjani lapho ekhona. 

IChiefs ikhiphe isitatimende ngempelasonto ibika ukuthi uKhama Billiat uvele wanyamalala engakasho ukuthi uyayamukela yini inkontileka entsha. 

Izindaba zokunyamalala kwakhe zibe sezilandelwa amahlebezi amaningi, abanye besola ukuthi kungoba uncishiselwe imali. 

Empeleni nje, Impempe ibikile ukuthi ngokwabaphathi bakhe, lento abekelwe yona kwinkontileka iwukumeyisa nje. 

Manje uMaphosa uthi baqinisile uma bethi abamazi uyephi ngoba ubesazicija neqembu noma engenankontileka.

“Ngokwenkulumo eqondile ngeke sikwazi ukuthi ulovile emsebenzini kodwa njengeqembu elinobuntu sikhathazekile ngaye,” kusho uMaphosa kwabeRadio 2000.

“UKhama ngumdlali omkhulu ebholeni lakuleli futhi usabalulekile kithi, yingakho simnikeze inkontileka entsha. 

“Sigcina ukuzwa ngaye, wafona wathi akaphathekile kahle ngokwempilo,” kuchaza lesi sikhulu saseNaturena. 

Ebuzwa ngamahlebezi okuthi inkontileka le entsha akhuluma ngayo ngabe ilenyusile noma ilehlisile iholo, uthe ngeke akhulume ngalokho okwamanje. 

“Njengamanje ngeke sikwazi ukusho ukuthi ngabe linyukile yini iholo noma cha. Kumele simhloniphe . Esikufunayo wukuthi uKhama Billiat asicacisele ukuthi uyayamukela noma cha. 

“Siyazi inkontileka abenayo seyiphelile futhi akaseyena umdlali wethu. Kodwa kumele aphendule ukuze nathi sizoqhubekela phambili.” 

Uthe ukungabaphenduli kukaKhama Billiat kuyakhathaza ngoba bafuna ukuhlelela isizini ezayo bazi ukhona noma akekho yini. 

“Kuyiqiniso ukuthi uKhama akanankontileka nathi futhi akulindelekile ukthi abe sekhempini nathi (uma engathandi). 

FUNDA NALA: UThabo Cele angase ajoyine uBlom kwiSt Louis, neDowns iyamfisa

“Kodwa sidinga ukwazi kuye ukuthi uthathe siphi isinqumo. Sesiqalile ukulungiselela isizini futhi kumele sihlele kahle izinto. 

“Thina sikucacisile esikufunayo ngaye, sifuna ahlale. Kodwa njengamanje akayena umdlali wethu,” kucacisa uMaphosa.