Kuduma upotiyane kuRiveiro ngokukhishwa kweBucs koweCaf
Kusale kancane ukuthi avele athi naye akazi konakelephi umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro kulandela ukukhishwa kwaleli qembu kwiCaf Champions League.
IPirates ihlulwe yiJwaneng Galaxy yaseBotswana sekukhahlelwa amaphenathi e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa.
Lokhu bekulandela ukuthi umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 uma sekuhlanganiswa imiphumela yemilenze yomibili.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uRiveiro uzwakale ephelelwa amazwi, engazi ayichaze ayithini le eyenzekile.
“Akukuningi esingathi siyakusho ngalo mdlalo wanamuhla,” kusho uRiviero obezwakala ukuthi umoya wakhe uphansi.
“Umdlalo okunzima ukuwuchaza uma ubuka ngeso lokushaywa kwamagoli. Ngicabanga ukuthi abafana badlale ngendlela ebingasenza sidlulele phambili.
“Kodwa ngenxa yezizathu okunzima ukuzichaza, asikwazanga ukukwenza lokho emdlalweni, nakumaphenathi nakhona kusihlulile…”
URiveiro uthi njengoba bevele bengene enkundleni bazi ukuthi balandela ngemuva, ubelindele basheshe bawashaye amagoli.
Kodwa imizamo yabo beyiphelela ezeni kuhle kwezithukuthuku zenja njengoba ibhola belingafuni nhlobo ukuyoqabula inethi.
Naleli eze yalithola liqhamuke ngemuva kwesibhudubhudu ebhokisini leJwaneng, laqedelwa u-Evidence Makgopa.
“Umdlalo siwuqale sivele silandele ngemuva kodwa angazi yini okumele ngiyisho. Bekunzima kithi ukushaya amagoli emidlalweni emine edlule.
“Nendlela esilithole ngayo igoli nanamuhla, kube yigoli elingelihle – ibhola lizishayise epalini laze lagcina lingenile.”
Ngokuwashiswa ijezi kwePirates, uRiveiro uthe lokhu yinto engafanele futhi yena njengomqeqeshi uzokwamukela ukugxekwa ngayo.
“Akufanele lokhu. Iqembu silibumbele ukuthi singene esigabeni samaqoqo kwiChampions League ngakho lo mphumela awemukelekile.
“Singasho sithi sibe neshwa, akekho ojabule ngokuthi asikwazanga ukudlulela phambili. Kodwa sisazohlonza ukuthi konakelephi.
FUNDA NALA: Ingene kwelibi ihlazo iPirates iwasha ijezi kwiChampions League
“Kumele mina njengomqeqeshi ngivume ukusolwa futhi kumele sizibuze imibuzo ngokuzinikela kwethu kulo mqhudelwano ngoba bekungekuhle.”