Iyawunqoba iSundowns umjaho wokusayina uMaseko weSuperSport
Intatheli yeMpempe
IMamelodi Sundowns isaqhubeka nezingxoxo zokusayinisa umdlali osemncane weSuperSport United uThapelo Maseko.
Lo mdlali ube ngomunye wabenze kahle ngaphansi kukaGavin Hunt ngesizini edlule nokuhehe amehlo amaqembu amaningi okukhona nawaphesheya.
Kodwa ngokubika kwabeSABC Sport, amaBrazillians yiwo aphambili njengoba exine ukuthi amthole ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/34.
ISundowns isivele iqinise ngabadlali abathathu abasanda kufika – umdlali obegijima kwiMarumo Gallants uLesiba Nku, umdlali wasesiswini uJunior Mendieta obekwiStellenbosch FC nomgadli uLucas Costa obeseqenjini laseBelgium iSK Beveren.
Intshisekelo ngoThapelo Maseko iqine kakhulu kulandela ukuthi SuperSport inqume ukuyimisa iKV Westerlo yaseBelgium efike iphethe imali encane kakhulu.
Ngo-Ephreli, kubikwe ukuthi le kilabhu edlala kwiJupiter Pro League isikhulume kabili naMatsatsantsa izama ukuba idayiselwe lo mdlali weBafana Bafana.
IWesterlo yabe seyibuyekeza isicelo sayo, yanikeza iSuperSport isicelo sesithathu nesokugcina kodwa naso sachithwa.
Isikhulu esiphezulu kwiSuperSport, uStan Matthews ucashunwe ethi basenesinye isicelo sokuthiengiselwa uThapelo Maseko esivela e-England.
FUNDA NALA: IChiefs ikhathazekile ngoBilliat onyamalale kade ebike ukugula
Kodwa kuvela ukuthi maningi amathuba okuthi aMatsatsantsa azodayisa lo mdlali ezimbangini zawo iSundowns njengoba izingxoxo sezisezingeni eliphezulu.