EzakamuvaIbhola

AmaZulu ashela oweBafana obehalelwa yiChiefs 

Njabulo Shezi

Iphini lomqeqeshi eqenjini leDStv Premiership laseThekwini, AmaZulu FC, uSiboniso Vilakazi, liveze isifiso saleli qembu sokusayina umdlali ogijima kwiBafana Bafana edlala kwiCosafa Cup. 

Lo mdlali ungomunye wabadlala kahle kakhulu kwiBafana njengoba seyize yangena esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano. 

Nokho AmaZulu kade evele ayemhalela kanti ukumbonela eduze uSibongiseni Mthethwa seluvele lwanyuka kakhulu uthando lwawo.

Yingakho esephuthume aqala izingxoxo neStellenbosch FC ukuze asale esesala eThekwini engabe esabuyela eKapa uma kuphela iCosafa Cup. 

Njengamanje uMthethwa usayidlale yomithathu imidlalo yeBafana. Nangesizini edlule ubengomunye wabagqamile kwiStellies. 

Ngesikhathi kwethulwa iPrince Mangosuthu Legacy Cup eThekwini ngoLwesithathu, uVilakazi ukuqinisekisile ukuthi AmaZulu ayamfuna uMthethwa. 

“Ungomunye wabadlali esimfunayo, kodwa ngeke ngisho okuningi, abaphathi ababhekene nalokho,” ucashunwe esho kanje uVilakazi kwiSABC Sport.

Kubukeka sengathi izingxoxo zamaqembu zisaqhubeka njengoba abaphathi baMaZulu besha amashushu nje. 

Imithombo esondelene naleli qembu iveze ukuthi AmaZulu amdinga ngokuphuthumayo umdlali ozovala isikhala sikaMakhehleni Makhaula. 

UMakhaula ushiye Usuthu waya kwi-Orlando Pirates ngoJanuwari. Kuvela ukuthi imizamo yoSuthu yokuheha u-Andile Jali ayizange iphumelele. 

Yingakho-ke uMthethwa esebonakala kunguye ongavala lesi sikhala sikaMakhaula kuMaZulu. AmaZulu kuvela ukuthi amqaphe ngeso lokhozi lo mdlali kwiCosafa Cup. 

Okuqaphelekayo wukuthi naye uMthethwa usezwakalise isifiso sokufudukela ekhaya KwaZulu-Natal, inqobo nje uma iStellenbosch FC ikugunyaza lokho.

Njengoba lo mdlali ezimisele ngokuqala isigaba esisha empilweni yakhe, kusazobonakala ukuthi AmaZulu angafinyelela yini esivumelwaneni neqembu lakhe.

FUNDA NALA: UTapelo Xoki ubabaza ukushisa eSpain, uncoma izinkundla

UMthethwa naye kuke kwabikwa ukuthi usohlwini lwabadlali abafunwa uthuli yiKaizer Chiefs kodwa leli qembu laseSoweto laqoka uTebogo Potsane obekwiRoyal AM. 

Lokhu kungemuva kokuthi imizamo yayo yokuyenga iStellenbosch ukuba ibadayisele lo mdlali kubikwa ukuthi ichithiwe.