UTapelo Xoki ubabaza ukushisa eSpain, uncoma izinkundla
Sbongs Gumbi
Ukusuka eGoli kusebusika bese befika eMarbella, eSpain kusehlobo futhi kushisa kakhulu yikhona okuxwayekayo kubadlali be-Olando Pirates ngokusho kukaTapelo Xoki.
Ezinye izinto zihamba kahle futhi uthi bathokozile nangezinkundla abanikwe zona ukuba bazilolongele kuzo njengoba besekhempini kuleliya lizwe.
IPirates izodlala imidlalo yokuzilungiselela isizini emithathu eSpain ngaphambi kokubuya kuleli ngasekupheleni kwenyanga.
“Kusahamba kahle okwamanje ngokwamalungiselelo esizini. Sibhekene nesimo seszulu esingajwayelekile lapha,” kusho uTapelo Xoki.
Lesi sitobha singomunye wabadlali abasayinwe yiPirates ngasekuqaleni kwesini edlule futhi abafike benza kahle, bagcina sebethandwa ngabalandeli.
Ufike kade esuka kuMaZulu FC la ayengumgogodla weqembu futhi engukaputeni. NakwiPirates ubebamba njengokaputeni uma engekho u-Onnocent Maela noRichard Ofori.
UTapelo Xoki uthi kulamula ukuthi bazixine ngamanzi ukuze bakwazi ukumelana nokushisa kwaseSpain la bekhempe khona.
“Njengoba sishiye kusebusika eGoli, lapha kusehlobo, kuyashisa kakhulu ngakho umzimba uyagqilazeka uma sizilolonga.
“Kodwa siyazama ukugcina umzimba unamanzi enele ngaso sonke isikhathi,” kuqhuba le sitobha esineminyaka engu-?
Isimo sezinkundla sona uthi siyancomeka futhi siyabavumela ukuthi bazilolonge ngendlela abafisa ngayo ukulungiselela isizini ezayo.
“Isimo sezinkundla ke sona sihle kakhulu. Ngenye yezinkundla eziphambili ngokwezinga kwesesike sadlala kuzo, ngeke sisole lutho ngalapho.
“Manje sesethembe ukuthi amalungiselelo azoqhubeka nokuhamba kahle ngendlela aqale ngayo,” kuchaza uTapelo Xoki.
FUNDA NALA: U-Austin Dube uzobuyela ‘ekhaya’ ngemuva kochithwa kwiChiefs
Lukhulu ke olubhekwe kwiPirates uma seyibuya eSpain kwazise inqobe izindebe ezimbili ngesizini edlule kanti abalandeli bafuna izelamanise ngezinye.