EzakamuvaIbhola

NoPitso uyamvuma uJose Riveiro ogile izimanga engathenjiwe

By Sbongs Gumbi

UPitso Mosimane uthi umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uyilento edingekayo ebholeni lakuleli kubantu abaqhamuka ngaphandle. 

Lo mqeqeshi ozakhele igama kwiMamelodi Sundowns nakwi-Al Ahly, uyaziwa ngokugxeka kwakhe abaqeqeshi bokufika. 

Ungomunye wababasola ngokuthi basuke bezozidlela imali nje kuleli, akukho okusha abafika nakho okukhulisa ibhola kuleli. 

Kodwa ke unombono ohlukile ngoJose Riveiro onqobe izicoco ezimbili – eseMTN8 neseNedbank Cup – ngesizini yakhe yokuqala. 

Ngesikhathi efika kuleli lo mqeqeshi waseSpain wayengathenjiwe. Abanye baze bambiza ngoplamba ngoba besola ukuthi akazi lutho ngalo msebenzi awuqashelwe. 

Kwaze kwasukuma usihlalo wePirates u-Irvin Khoza wayikhuza le ndaba yokweyiswa kukaJose Riveiro, kwayima kuba ngcono. 

Nokuthi ashaye iSundowns endleleni ebheke ekunqobeni iMTN8 nakho kwamsiza kakhulu ukuzakhela isithunzi, aqede nokweyiswa ayebhekene nakho. 

Manje noPitso usemvumile. Lokhu ukuveze ekhuluma nabePower FM ngoLwesihlanu kusihlwa, ethi uyawubona umehluko oza noRiveiro. 

“Angiqale ngokubongela AmaBhakhaniya. Ah, eZimnyama ngenkani bafowethu! Lo mqeqeshi ngonyaka wokuqala uthole izindebe ezimbili. Ngichazekile impela ngaye,” usho kanje umfokaMosimane. 

“Bengilokhu ngimlalela uma ekhuluma ngokuhlela iqembu lakhe, amacebo okudlala futhi ushaya khona impela. Uyawazi umsebenzi wakhe futhi usebenze kahle kakhulu. 

“Uyawazi ke umbono wami ngabaqeqeshi base-Europe abalethwa eNingizimu Afrika, kodwa lo (uJose Riveiro) uyilento esifuna ukuyibona. 

“Ufike nokuhlukile. Yilento ke edingwa yiNingizimu Afrika kubaqeqeshi abafika besuka e-Europe,” kuchaza uPitso obeqeqesha i-Al Ahli yaseSaudi Arabia kule sizini ephelile.

Nephini lakhe uRiveiro, uMandla Ncikazi umncome kakhulu, ikakhulukazi ukukwazi kwakhe ukusebenza nabanye abantu nokubahlonipha. 

FUNDA NALA: UPitso Mosimane uphendule eyabalandeli abamfisa kwiChiefs

URiviero ubeqokiwe emkhakheni womqeqeshi ovelele kwimiklomelo yePSL yokuvala isizini kodwa wakhala ngaphansi. 

Le ndondo ihambe noRulani Mokwena weMamelodi Sundowns oyiwinise iligi ngamalengiso.