Kuvuka upelepele ogqokweni iBafana iqhathwa neNigeria
Sbongs Gumbi
Kuzovuseleka umbango omdala uma iBafana Bafana seyibhekene neSuper Eagles yaseNigeria kubangwa ithikithi lokuya eNdebeni yoMhlaba ka-2026 e-USA, Canada naseMexico.
Elakuleli liqhathwe kuGroup C lapho neNigeria, Benin, Rwanda Zimbabwe neLesotho ngesikhathi kuqhathwa amaqembu e-Ivory Coast ngoLwesine.
Abanqobile eqoqweni ngalinye kwayisishiyagalolunye bazongena eNdebeni yoMhlaba ezobe seyinama qembu angu-48.
IBafana izithole seyiqhathwa neNigeria, okungangabazeki ukuthi izozimisela ukuvala ihlazo lokusala ngaphandle eNdebeni yoMhlaba ka-2022 ebiseQatar.
Elakuleli lisayihlule kanye iNigeria emdlalweni osemthethweningesikhathi iqeqeshwa uStuart Baxter ishaya iSuper Eagles ngo 2-0 eNigeria emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2019.
INigeria iziphindiselele kowamanqamu e-Afcon ka-2019, ihlula iNingizimu Afrika kaBaxter ngo 2-1 kuma-quarterfinal eCairo.
IBafana neNigeria sebehlangane izikhathi ezine phambilini kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Emuva ngo-1992 iNigeria yashaya iNingizimu Afrika ngo 4-0 ukuze ingene eNdebni yoMhlaba ka-1994 e-USA.
Umdlalo womlenze wesibili owawungoJanuwari 1993 eFNB Stadium waphela zibambene kungekho goli.
INigeria iphinde yahlula iNingizimu Afrika kabili emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2010 Fifa, nakuba iBafana Bafana yayivele izodlala kulo mqhudelwano njengosokhaya.
Iqembu lamanje leSuper Eagles linabadlali abayizihlabani kumaligi ehlukene aphezulu ase-Europe, okuhlanganisa nomgadli weNapoli uVictor Osimhen noweLeicester City uKelechi Iheanacho.
IBafana isidlale neZimbabwe neLesotho izikhathi eziningi kodwa yabhekana neBenin kanye kuphela, bayishaya ngo 2-0 emdlalweni wabo wokuvula kwi-Africa Cup of Nations eTunisia ngo-2004.
Ayikaze neRwanda phambilini. Imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 iqala ngoNovemba.
FUNDA NALA: AmaZulu ashela oweBafana obehalelwa yiChiefs
Amaqoqo ame kanje:
Group A – Egypt, Burkina Faso, Guinea Bissau, Sierra Leone, Ethiopia, Djibouti
Group B – Senegal, Congo DR, Mauritania, Togo, Sudan, South Sudan
Group C – Nigeria, South Africa, Benin, Zimbabwe, Rwanda, Lesotho
Group D – Cameroon, Cape Verde, Angola, Libya, Eswatini, Mauritius
Group E – Morocco, Zambia, Congo-Brazzaville, Tanzania, Niger, Eritrea
Group F – Ivory Coast, Gabon, Kenya, The Gambia, Burundi, Seychelles
Group G – Algeria, Guinea, Uganda, Mozambique, Botswana, Somalia
Group H – Tunisia, Equitorial Guinea, Namibia, Malawi, Liberia, Sao Tome e Principe
Group I – Mali, Ghana, Madagascar, Central African Republic, Comoros, Chad