EzakamuvaIbhola

Ucacisa ngomsiko wejezi le-Orlando Pirates umsiki wengqephu 

Intatheli yeMpempe

Umsiki wengqephu waseNingizimu Afrika, uThebe Magugu, usechaze ngomsiko wejezi elisha le-Orlando Pirates lesizini ka-2023/24 elethulwe ngokusemthethweni ngeviki elidlule. 

Lei jezi le-Adidas lasekhaya nasekuhambeni elizogqokwa ngompetha beMTN8 neNedbank Cup, lethulwe ngokubambisana nalo msiki wengqephu waseNingizimu Afrika, uMagugu.

UMagugu wakhulela eKimberley naseGoli. Ngo-2019, wagoduka nomklomelo ovelele weLVMH wabasiki bengqephu abasebancane. 

Kwakungokokuqala ngqa ukuthi umsiki wengqephu wase-Afrika awine lo mklomelo ohlonishwa kakhulu embonini.

“Ezemidlalo emhlabeni yinto ezoqhubeka nokudlondlobala,” kusho uMagugu.

“Igama lami limlele ukuhlola nokuveza izinto ezihlukile zomlando namasiko ethu. Futhi akukho okushiye umthelela omkhulu ukwedlula umlando we-Orlando Pirates. 

“Ngizizwa ngihloniphekile ngokufaka isandla kulowo mlando,” kuchaza le nsizwa esencane.

“Ngibone kubalulekile ukuthi ngizwe indaba ye-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi ngiqale ukucabanga umsiko engizowenza. 

“Indaba yokubekezela, ukulwa nokuzikhandla ukuze ube ngelinye lamaqembu ahlonishwayo kwezemidlalo emhlabeni jikelele.

“Lo mbono wokuphikelela yiwo owenza ngithathe isinqumo sokuthatha uphawu logebhezi oluyingqophamlando. 

“Lukhombisa uhambo olude nolumazombezombe iqembu eseliluhambile ukuze lifike la likhona manje.”

Isikhulu esibhekelele ezokuxhumana kwiPirates uThandi Merafe uthe ibhola linamandla okuhlanganisa abantu. 

“Ijezi lebhola liwuphawu olunamandla lokuzigqaja nobunye, elibopha amaBhakabhaka avela ezizindeni ezihlukene,” kusho uMerafe.

Ekhuluma egameni labaxhasi, uKate Woods uyiSenior Brand Director kwa-Adidas South Africa uthe ukusebenzisana noMagugu nePirates kuzogqugquzela abadlali ukuthi bafinyelele ezingeni elisha.

“Ngokuthanda kwethu ukwabelana ngolwazi ukuvala imingcele, lokhu kubambisana kuzoletha umsiko othuthukisa ukusebenza.

“Kuzogqugquzela abadlali bethu ukuthi bafinyelele phezulu,” kwengeza uWoods.

FUNDA NALA: Umfanyana wasehostela onekhono lempempe unephupho leyePSL

Ijezi lizotholakala ekupheleni kwale nyanga kanti amaBhakabhaka azodlala okokuqala ngalo uma esebhekene neStellenbosch ngoMgqibelo, ka-Agasti 5.