Umfanyana wasehostela onekhono lempempe unephupho leyePSL
Zolani Msobo
Lidinga ukuvikelwa nokukhuliswa ngobuchule ikusasa likaSphamandla Ncube onekhono eliyisimanga lokudlalisa imidlalo yebhola.
UNcube utshengisa ukuba ngomunye wonompempe abaseqophelweni eliphezuku kuleli yize esemncane.
Lokhu kulandela ukuveza kwakhe ikhono njengoba engumsizi kanompempe emidlalweni yezigaba ezingakhokhelwa eThekwini.
Lo mfanyana oneminyaka engu-12 uveza ikhono lakhe lokudlalisa emiqhudelwaneni yamaqembu asesigabeni esingakhokhelwa, edlalelwa eRotary Stadium, eHostela laKwaMashu.
Ukudlalisa kule nkundla kufana nokuhamba esigodoni sethunzi lokufa. Ngaphezu kwalokho, kusuke kudlalelwa itshe lemali.
Konke lokho akumenzi angenwe ngamanzi emadolweni uNcube njengoba edlalisa kuyo le nkundla futhi udlalisa ngokukhulu ukuzethemba.
Okuqapheleke kakhulu ngoNcube ukuthi uma esesithathile isinqumo kugcina yena akukho okumenza ashintshe isinqumo sakhe ngisho kungathiwa abadlali, abaqeqeshi nabalandeli abajabule kangakanani ngaso.
Uyahlala kuso, aze abone unompempe ngoba iduku ulimisa kuze kulamule ukukhala kwendeba kanompempe bese esondela kuye uma kukhona afuna ukucaciseleka kuko unompempe.
Emqhudelwaneni obungempelasonto eRotary Stadium, uNcube ube nesibindi esixakayo ngesikhathi ethatha isinqumo esehlula abasizi bonompempe kwiziteki ezinkulu.
Bekungesikhathi ebeka iphenathi sekusele amanenjana kuphele umdlalo. Ukuba iphenathi ibingenile, umdlalo ubuzophela ngokulingana.
UNcube uthi unesifiso sokudlalisa ezingeni lePremier Soccer League kanti udinga ukuthola ukuqeqeshwa nokukhuliswa ngendlela efanele.
FUNDA NALA: UPatrick Mabedi uwafake kwi ‘voicemail’ awePSL amfunayo
Yena unekhono elimangalisayo ekudlaliseni imidlalo. Inhlangano eyengamele ibhola lezinyawo kuleli iSafa kumele ingenelele ukusiza uNcube ukuthi agcine esidlalisa ezigabeni ezikhokhelwayo ngoba unekhono eliyisimanga lokudlalisa.