EzakamuvaIbhola

UKhama Billiat ‘wanquma’ kudala ukudikila kwiKaizer Chiefs 

Njabulo Shezi

Kuvela ukuthi umdlali ovele wanyamalala kwiKaizer Chiefs ngemuva kokunikwa inkontileka entsha, uKhama Billiat wasithatha kudala isinqumo sokushiya kuleli qembu. 

Ngokusho komthombo osondelene naleli qembu, uKhama Billiat ukubeke kwacaca ukuthi akazimisele ngokuhlala neqembu ngesikhathi enqaba ukuba nezingxoxo zenkontileka nabaphathi beqembu ekuqaleni konyaka.

Inkontileka kaBilliat naMakhosi iphele ngoJuni kanti iqembu lizamile ukuxoxisana naye ngenkontileka entsha ngoJanuwari. 

Kodwa, lo mdlali owake wagijima kuMamelodi Sundowns kuthiwa wenqaba ngalesi sikhathi. Nezinkontileka anikwe zona ukuba azisayine uzizibile, wabe esevele ephela endaweni.

Ngesonto eledlule, iChiefs imemezele ukuthi ibizimisele ngokwelula inkontileka kaBilliat, kodwa lo mdlali wavele wavele wayiziba. 

“UKhama usenesikhathi eside engekho eqenjini. Akungimangazi ke nokho lokhu ngokwenzekile,” kusho lo mthombo. 

“Akasafuni ukudlalela iChiefs ngoba ubona sengathi ukubhacaza kweqembu kusolwa kuye ngokungafanele. 

“Okunye wukuthi ubedonsa kanzima ngenxa yokulimala kungekho muntu omsizayo,” kuqhuba lo mthombo.

“Ubengakutholi ukugqugquzelwa abekudinga kwiChiefs. Akungimangazi ngempela (ukuthi uBilliat akayemukeli inkontileka entsha kwiChiefs). 

“Okunye wukuthi le nkontileka ebekwe etafuleni yimbi impela. Ngeke athole imali efanayo naleyo abeyithola, yehlisiwe. 

“Lesi ngesinye isizathu sokuthi angakujabuleli ukuhlala ekilabhini.” Uqhube wathi usola ukuthi kukhona vele asenakho eceleni uBilliat. 

“Ngicabanga ukuthi unezinhlelo ngekusasa lakhe, akakwazi nje ukwenqaba inkontileka entsha neqembu ekubeni engenawo umsebenzi kwenye indawo.”

Njengoba umshado kaBilliat neChiefs ubukeka usuphelile, kubhekwe ngabomvu ukuthi lo mdlali odabuka eZimbabwe uzolidlala kuphi ibhola ngesizini ezayo.

IChiefs kubukeka sengathi isilahlekelwe yithemba lokuthi lo mgadli oneminyaka engu-32 ubudala uzobuyela eqenjini futhi inikeze inombolo yejezi kuTebogo Potsane osanda kuthenga. 

Kuvela ukuthi kukhona amaqembu angaphandle amfunayo okukhona kuwo elangakubo iPower Dynamos neYoung Africans SC yaseTanzania. 

Kukhona nawasenhla ne-Afrika e-Egypt naseMorocco okuthiwa ayamfuna. EMorocco ufunwa yiRaja Casablanca esivele inabathathu abanomlando kuleli.

FUNDA NALA: Ucacisa ngomsiko wejezi le-Orlando Pirates umsiki wengqephu 

Kukhona umqeqeshi uJosef Zinnbauer nephini lakhe uFadlu Davids, noHashim Domingo obedlala kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule.