Ezakamuva

UMosimane usagoloza ukukhokha u-R7.9m weDowns…icala ulidlulisela phambili

SIHLE NGUBO

Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usaliqhubela phambili icala elithinta u-R7.9 million osekuphele iminyaka ewubanga naleli qembu laseChloorkop.

Leli cala kuvela ukuthi lizoqhubeka ngoJanuwari 14, kulandela ukuthi uMosimane neMT Sports labalahla ngoSepthemba nyakenye, kwathiwa lo mqeqeshi akayikhokhe le mali.

Inkontileka kaMosimane yayinomthetho wokuthi ayibuyise le mali eyayikhokhelwe iMT Sports, ngemuva kokuthi eshiye iqembu wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt ngo-2020.

Ezakamuva zithi iMT Sports seyilidlulisele phambili icala, kanti ummeli u-Eric Mabuza uveze ukuthi icala liyaqhubeka futhi baqedela konke ngokuvela enkantolo.

“Liyaqhubeka (icala) ngoJanuwari 14. Empeleni sizama ukuqinisekisa isikhathi enkantolo kodwa ngokwazi kwami lizoqhubeka,” kusho uMabuza weMabuza Attorneys, ekhuluma noThato Bosoga.

Kwenzeka konke lokhu kusanda kuvela imibiko engaqinisekisiwe yokuthi uMosimane uzobuyela kwiSundowns njengomqeqeshi, kuchithwe uMiguel Cardoso.

Umbuzo omkhulu owokuthi uMosimane angabuyela kanjani aqeqeshe Abafana Ba’Style, uma kungukuthi usagoloza ukukhokha u-R7.9 million awukweleta iqembu, futhi icala usalidlulisela phambili.

Leli cala libukeka labona kakhulu ubudlelwano bukaMosimane neSundowns, nokwenza kube nzima kakhulu ukuthi lo mqeqeshi aphinde acije leli qembu.

Abalandeli beSundowns bashaya amakhala ngoCardoso, ikakhulukazi ngemuva kokwehluleka ukunqoba iCAF Champions League ngesizini edlule.

ISundowns ishaywe yiPyramids SC yase-Egypt kowamanqamu weChampions League, bangathanda abalandeli bayo.

Bamgxeke kakhulu uCardoso ngokungamdlalisi umdlali onamava, uThemba Zwane noPeter Shalulile kulo mdlalo.

Njengamanje i-Orlando Pirates iyona ezihola phambili kwilogi yePremiership, nokwenza ukuthi abalandeli beSundowns baqhubeke nokuthi bafuna ahambe uCardoso.