EzakamuvaIbhola

UGiven Msimango uveza ubuhle bokwamukelwa kahle kwiChiefs 

Sbongs Gumbi

Umdlali wasemuva omusha weKaizer Chiefs, uGiven Msimango, uthi ukwamukelwa okuhle akutholile kuleli qembu laseSoweto kubalulekile ekumsizeni ukuthi azinze futhi asheshe ajwaye nempilo yaseNaturena.

Echaza iChiefs ‘njengeqembu elikhulu’, uGiven Msimango uveze ukujabula kwakhe ngokubambisana nozakwabo abasha ekhempini yaleli qembu eMpumalanga.

Lo mdlali, oneminyaka engu-23, ungomunye wabadlali abayisikhombisa abasha beChiefs abasayiniswe emasontweni amabili edlule. 

Wethulwe kanye nomdlali wasemuva uThatayaone Dithlokwe, umgadli uRanga Chivaviro, abadlali basesiswini uMduduzi Mdantsane, uPule Mmodi no-Edson Castillo.

Omunye umdlali wasesiswini uTebogo Potsane wethulwe ngempelasonto edlule. Leli qembu kubikwa ukuthi lisathungatha abagadli. 

UGiven Msimango uchithe amasizini amabili edlule kwiTS Galaxy lapho ebengukaputeni futhi eyilungu elibalulekile leqembu lomqeqeshi uSead Ramovic.

“Ukuba sekhempini yokulungela isizini neqembu kube yinto emnandi kakhulu,” kusho uMsimango kwividiyo efakwe yile kilabhu esiteshini sayo seYouTube.

“Ozakwethu bangamukele ngezandla ezimhlophe. Nabaphathi bangivulele izandla ezifudumele.

“Futhi ngicabanga ukuthi lokho kubaluleke kakhulu kumdlali ukuthi azizwe amukelekile futhi azizwe ethandwa ukuze ukwazi ukwenza konke okusemandleni akhe.”

UMsimango odabuka eBrakpan empumalanga yeGoli, uthi ukuzinza ngokushesha kusho ukuthi usengakwazi ukugxila kakhulu ekudlaleni.

“Lena yikilabhu enkulu ngakho kubaluleke kakhulu ukuthi uzijwayeze ukuze usheshe uqale ukwenza okusemandleni akho.”

Uzakwabo kaMsimango ongumdlali waphambili kwiChiefs uSabelo Radebe uthe ikhempu yokulungiselela isizini imayelana nokucija umzimba nengqondo.

“Ikhempu ngeyamalungiselelo. Uyazi njengomdlali kumele uzilungiselele ngaphambi kokuthi uyokwenza okuthile.

“Ngakho-ke, ekuqaleni kwesizini siyayilungisa imizimba yethu… Siyazilungiselela ngokwengqondo,” kusho uRadebe.

IChiefs, ekhuphule uMolefi Ntseki esikhundleni somqeqeshi njengoba u-Arthur Zwane ebuyela kwesokuba yiphini, ihlalelwe yisizini enkulu.

FUNDA NALANA: Isizoswenka ngeDrip iSwallows ‘ezelwe kabusha’

Kufanele ibuyise isithunzi sayo futhi iqede isomiso sezindebe seminyakanyaka nesikhulukazi eyake yabhekana naso kule minyaka engaphezu kuka-50 ikhona.