Isizoswenka ngeDrip iSwallows ‘ezelwe kabusha’
Njabulo Shezi
IMoroka Swallows seyimemezele ukuthi seyinabaxhasi abasha bezimpahla zokudlala njengoba seyilaxaze i-Umbro, yahamba neDrip.
IDrip yaziwa njengenkampani eyakha amateku asezingeni eliphezulu kuleli futhi ephethwe ngokugcwele ngabantu abamnyama. Lesi simemezelo sikhishwe ngoLwesibili.
Esitatimendeni, iSwallows yethule iDrip njengabaxhasi bayo abasha bezimpahla zokudlala.
Ubudlelwano beDrip neSwallows buqhamuke ngemuva kwezinsuku ezimbalwa iSwallows kade imemezele ukuthi ibuyela egameni layo langempela leMoroka Swallows.
Kuphinde kwenzeka ngesikhathi usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa enza konke okusemandleni ukuvuselela leli qembu njengoba elande umqeqeshi nabadlali abasha.
UMogashoa uqale ulande uSteve Komphela njengomqeqeshi omusha kwathi u-Andile Jali naye wajoyina kuleli qembu laseSoweto elinomlando omude ebholeni lakuleli.
“Ubudlelwano phakathi kweDrip neMoroka Swallows buhle kakhulu,” besifundeka kanje isitatimende seSwallows.
“IDrip ngumkhiqizi wezimpahla zokugqoka kanti njengamanje ivula amaphiko futhi ingena emkhakheni wezemidlalo.
“Ngaso leso sikhathi iSwallows ibuyela ezimpandeni zayo ngokusebenzisa igama layo lokuqala elithi ‘Moroka Swallows’.
“Ngaphezu kwalokho, ilande umqeqeshi omusha nabadlali abasha abazojoyina iqembu,” kuqhuba lesi sitatimende.
“Zombili lezi zinkampani zizalwa kabusha futhi ngenxa yalokho, lokhu kusebenzisana akubanga yinto enzima ukuyiqala.
FUNDA NALA: UBilliat ‘wanquma’ kudala ukudikila kwiKaizer Chiefs
“Ukukhula kwazo zombili kungaba yisiqalo sekhasi elisha ebholeni nasemkhakheni wezimpahla zezemidlalo kuleli.”