‘Akulula ukudlalela iKaizer Chiefs,’ kusho umdlali
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uPule Mmodi, uthi ukudlalela leli qembu laseNaturena akufani nokudlala ingqathu.
Lo mdlali bekuyisizini yakhe yokuqala kwiChiefs kusukela efike evela kwiLamontville Golden Arrows, ngaphambi kokuqala kwesizini edlule. Yize iqembu lingabanga nesizini enhle kodwa uMmodi udlale imidlalo engu-31 kuyona yonke imiqhudelwano, okuyisibalo esikhulu kunesabo bonke abadlali.
UMmodi kuqale kwasabalala yonke indawo ukuthi ufunwa yiChiefs esagijima kuBafana Bes’thende. Kuvele ukuthi leli qembu belingafuni aye kwiChiefs futhi belifuna ukuthi asayine inkontileka entsha.
Nokho uMmodi, okhule ezifela ngeChiefs, akavumanga ukusayina inkontileka entsha wagcina eye kwiChiefs mahhala. Kulokho waze waxabana nemenenja yakhe ngoba akayitshelanga ngesikhathi eya kuMakhosi.
“Uma sidlala (i-Arrows) neKaizer Chiefs bengazi ukuthi iyangifuna. Ngakho bekumele ngiphushe ngibakhombise ukuthi ngikulungele ukubajoyina,” kusho uMmodi kwiKCTV.
“Ngesikhathi ngifika okokuqala lapha kwaba umuzwa omnandi, ikakhulukazi ngabadlali ngoba ngangivele ngibazi ngaphambi kokuza lapha. Babazi ukuthi yini engiza nayo eqenjini. Ngafika ngakhululeka.
“Nganginovalo ngoba ngiyazi ukuthi ukudlalela iChiefs kuza nengcindezi enkulu. Ngakhula ngilandela iChiefs kodwa angikaze ngicabange ukuthi yinto engenzeka ukuthi ngiyidlalele.
“Kuwukufezeka kwephupho kimina. Kumele ngibonge uNkulunkulu ngakho konke angenzele kona.”