EzakamuvaIbhola

Ufuna kuchithwe uBilliat noMusona kwelesizwe u-Alois Bunjira

Alfred Ngubane

U-Alois Bunjira, owazakhela igama kwiMoroka Swallows kuleli nePower Dynamos ngakubo eZimbabwe uthi oKnowledge Musona noKhama Biliat  sekumele bashenxe  manje eqenjini lesizwe. 

Ngokubona kuka-Alois Bunjira, owayengumgadli ongalibheki ipali, sekudingeka igazi elisha manje kwiWarriors.

Uthi njengoba kufana nokuthi izalwe kabusha iZimbabwe ngokubuyiselwa ebholeni lomhlaba, kumele ishaye ngonyawo olusha. 

Ubona isikhathi sabadlali abaneminyaka engaphezu kuka-30 sesiphelile futhi kumele kunikwe ithuba abafana abasahalela ukuphumelela ngebhola.

“UKhama noKnowledge sekukade babekhona kodwa iqembu lingenzi kahle,” kusho uBunjira enkulumweni ekhethekile neMpempe. 

“Iqembu lesizwe lize lagcina limiswa emidlalweni yamazwe ngamazwe.” Kuzokhumbuleka ke nokho ukuthi uMusona yena wamemezela ukuthi usethi khumu eqenjini lesizwe.

U-Alois Bunjira uthi kumele ahambe impela engabe esalingeka afune ukubuya njengoba seyikhululiwe, yabuyela emidlalweni yamazwe ngamazwe iWarriors.

“Bakhona abadlali abadlala kahle eZimbabwe abafana noMarshall Munetsi odlala eFrance  futhi oshaya into ecokeme.”

UBilliat yena kumanje izinto azimhambeli kahle njengoba esanda kuduka kwiKaizer Chiefs abedlala kuyo kule minyaka emihlanu edlule. 

NoMusona ubehla enyuka, eshintsha amaqembu le phesheya kwezilwandle njengoba  manje esezogijima eSouth Arabia.

Laba badlali bagqama kakhulu emaqenjini amakhulu kuleli iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.

Bangabanye babadlali abangokuhamba  ababalwa nabashaya into ecokeme kwiDStv Premiership.

Belandela ezinyathelweni zabadlali baseZimbabwe abadlala kwiNSL nakwiPSL abafana no-Ian Gorowa noRoger  Lupiya abaduma Cape Town Spurs. 

FUNDA NALA: IPirates isonge uhambo lwaseSpain ngokubambana neLas Palmas

Kwakukhona noRobson Muchwishwa (Kaizer Chiefs), Peter Ndlovu (Mamelodi Sundowns), namawele akwaMugeyi  oWilfred noWilliam (Mthatha Bucks).