IChippa seyiqhamuke nendlela entsha yokufesa kwabadlali
Sbongs Gumbi
IChippa United yenze okungajwayelekile ebholeni ngoLwesithathu ngesikhathi yethula indlela engajwayelekile yokuqasha abadlali.
Okumangazayo wukuthi leli qembu elidlala kwiDStv Premiership selikhiphe isimemo somsebenzi kubadlali ukuthi bafake izicelo njengoba lifuna umdlali wasemuva kwesokunxele.
Lokhu kuyaphuma ohlelweni oluvamile lokuhlwaya abadlali emaqenjini asesigabeni esikhokhelayo futhi kushiye abaningi bengawuvali umlomo.
Ngokujwayelekile ebholeni amakilabhu asebenzisa abantu bawo abahlwaya ikhono ukuthola abadlali elizoqinisa ngabo lapho umqeqeshi ekhala khona.
Laba bahlwayi bekhono ngokujwayelekile bahambela imidlalo ehlukene ezigabeni zonke zebhola bese bebheka ukuthi abekho yini abadlali abangabathola.
Nokho isimemezelo sakamuva esenziwe iChippa siphendule amatafula njengoba siyingqayizivele.
NgoLwesithathu, le kilabhu yase-Eastern Cape ithumele isikhangiso somsebenzi ifuna “umdlali wasemuva okhethekile” ukuthi azoyijoyina.
Lesi sikhangiso siveze izimfanelo ezithile ezibaluleke kakhulu kumdlali ongase akhethwe, okuhlanganisa ubude obungaphezu kwamamitha angu-1.8, iminyaka ephakathi kweminyaka engu-19 no-28.
“IChippa United FC ijabule ukumemezela ukuthi ifuna umdlali wasemuva kwesokunxele ozojoyina leli qembu elihloniphekile,” besifundeka kanje lesi sikhangiso.
“Nazi izimfanelo esizazisayo: Ubude: Ngokungcono ngaphezu kwamamitha angu-1.8. Ubudala: 19-28. Isitayela sokudlala: Okwazi ukusuka ebhokisini aye kwelinye. “
Amehlo azobe ethe njo kuyo iChippa ukubona ukuthi luyayisebenza yini lolu hlelo lwayo olusha.
Ngakolunye uhlangothi, iChippa iphinde yazwakalisa intshisekelo ngabadlali bangaphandle kodwa ngombandela oqinile.
“Ngaphezu kwalokho uma umdlali engowokufika kumele okungenani abe nemidlalo eyishumi eqenjini lesizwe langakubo.
“Uma unalezi zimfanelo sicela uthumele iphrofayili yakho yomdlali eqenjini lethu elizinikele labahlwayi bekhono scout@chippaunitedfc.co.za.”
Isinqumo sekilabhu sokufaka isikhangiso ukuze abadlali bafese sikhombise izinguquko ezinhlelweni zokuqasha abadlali ebholeni.
FUNDA NALA: Ufuna kuchithwe uBilliat noMusona kwelesizwe u-Alois Bunjira
Yize le ndlela ingajwayelekile kodwa ikhombisa ukuzimisela kweChippa ukuthola abadlali abafanele ngokusebenzisa izindlela ezintsha.