U-Mr Chef ubheke ‘ukuyophekela’ iBafana eMorocco ngemvume kaBroos
SIHLE NGUBO
Umdlali wasesiswini weBafana Bafana, uSipho “Mr Chef” Mbule, uthi ayikho indaba yemidlalo yobungani manje, amehlo athe njo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON).
Usho kanje ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika iqumbe phansi iZambia ngo 3-1 emdlalweni wobungani Nelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoMgqibelo.
UMbule ukhethwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo futhi uthe uyakujabulela lokho.
Nokho amehlo alo mdlali wePirates abheke kwi-AFCON ezayo futhi uthi iyona into ekhulunywayo ekhempini yeqembu lesizwe.
“Umqeqeshi ufuna silungiselele i-AFCON, ngakho usitshele ukuthi lona akuwona umdlalo wobungani,” kusho uMbule.
“Ngifisa ukwenza kahle, umqeqeshi aziqhenye ngathi sonke njengeqembu.
“Umqeqeshi uthe awukho umdlalo wobungani. Kumele sidlale njengoba besenza ngaphambi kokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.”
Umdlalo ubulingana kwaze kwaphela imizuzu engu-45, lingekho iqembu ebeliphezulu kunelinye.
Nokho iNingizimu Afrika ibithola amathuba angcono uma iqhathaniswa nezivakashi, ebezifika sengathi abakhwenyane ezintini zikaRonwen Williams.
Kushintshe konke lokho ngesikhathi u-Oswin Appollis eshaya igoli ngomzuzu ka-43, ngemuva kokuthola uswidi wephasi ebivela kuSphephelo Sithole.
Ngesiwombe sesibili umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ufake uMohau Nkota endaweni ka-Appollis, kwathi ezintini kwangena uSipho Chaine endaweni kaWilliams.
Yize kwenzeke lolu shintsho iChipolopolo ivele yacindezela ifuna igoli lokulinganisa.
Nokho lowo mlilo iBafana Bafana iwucishe ngokuthi uNkota ashaye igoli lesibili, ngemuva kokuthola iphasi ebivela kuSipho Mbule ngomzuzu ka-62.
Kuvele kwacaca ukuthi kuphelile ngezivakashi ngesikhathi uSithole engqofela phakathi igoli lesithathu ngemuva kwekhona ngomzuzu ka-68.
IZambia ilishayile elokubika sekuyoshona ilanga, kanti lize noSebobo Banda ngomzuzu ka-90+3.
Ukunqoba kahle kanje kweBafana Bafana kwenza kubukeke sengathi abadlali bazimisele ukungena esikwatini sokugcina esizoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eMorocco ngoDisemba.
UBroos kulindeleke ukuthi amemezele abadlali abangu-23 azoya nabo eMorocco ngenyanga ezayo, ngakho bonke abadlali balwela ukuthola izindawo.
Imidlalo ye-AFCON iqala ngoDisemba 21 okuchaza ukuthi iBafana Bafana izowuzwa ngendaba uKhisimusi.
Eqoqweni leBafana Bafana kukhona i-Egypt, yiZimbabwe ne-Angola. Umdlalo wokuqala iBafana Bafana izowudlala ne-Angola ngoDisemba 22.

