EzakamuvaIbhola

IPirates isonge uhambo lwaseSpain ngokubambana neLas Palmas

Njabulo Shezi

I-Orlando Pirates ibanjwe yiqembu laseSpain iLas Palmas eBanus Football Centre emdlalweni wayo wokugcina kule khempu yokulungiselela isizini. 

Ngaphambi kwalo mdlalo iPirates beyisidlale eminye emibili yokuzwana amandla khona eSpain la ikhempe khona.

Iyiwine yomibili imidlalo yokuqala. NgoLwesithathu ekuseni ibhekane neqembu elisanda kukhuphukela kwiLa Liga. 

Kube yileli qembu laseSpain eliqale kahle umdlalo, kuyilo elihlaselayo futhi bekusaphele imizuzu engaphansi kweshumi ngesikhathi u-Oscar Pinchi ezama ukushaya igoli eseduze. 

Nokho unozinti weZimnyama uSipho Chaine ukwazile ukuliphebeza, laphuma eceleni lelo bhola lakhe. 

AmaBhakabhaka kudingeke ukuthi alinde kuze kuphele imizuzu engu-20 ukuze athole ithuba lawo lokuqala elicacile.

Leli thuba liwele kuPatrick Maswanganyi, othe eczema igoli lakhe lesithathu kule khempu kodwa wala unozinti u-Alvaro Valles.

Amathuba abemancane esiwombeni sokuqala. UChaine uphinde wasebenza ephika uuJonathan Viera ethi uyamhenga. 

IPirates ayikwazanga ukubhoboza udonga lwasemuva ngaphandle kwebhola likaMonnapule Saleng alifake ebhokisini kodwa langafica muntu. 

Kwenziwe izinguquko ngesikhathi sekhefu. Izinkunzi zaseSoweto zibe namathuba amaningi okushaya amagoli esiwombeni sesibili. 

UZakhele Lepasa ubengazinike thuba izitobha zeLas Palmas njengoba ebezihubha ngakwesokunxele. 

Lo mgadli wakhe ithuba lokuqala langempela zisuka nje esiwombeni sesibili, ngesikhathi evundla engena phakathi nenkundla qede wadedela ishodi. Ngeshwa liphume eceleni ibhola lakhe. 

Uphinde wabuya ngomzuzu ka-59, kulokhu ulibeke enethini ibhola kodwa laphikwa kwathiwa ubesesendaweni engamfanele. 

IPirates bese kuyiyo ephethe umdlalo kanti uLepasa noRelebohile Ratomo bakhe badedela amashodi epalini leLas Plamas kodwa waphika unozinti. 

Leli qembu laseSpain nalo libuyile ngasekugcineni lizama ukuthola igoli. Kodwa lokho kulenze lavuleka emuva. 

Kulapho ke uBienvenu Eva Nga ecishe wadala umonakalo kodwa ibhola lakhe lamfica engezwe lutho unozinti weLas Palmas. 

IPirates isonge lolu hambo lwaseSpain ingazange ihlulwe futhi ingenelwe yigoli elilodwa emidlalweni emithathu. Yona ishaye amane. 

Yaqala yashaya iMaccabi Tel Aviv yase-Israel ngo 1-0, yalandelisa nge-Indipendiente yase-Ecuador ngo 3-1.

FUNDA NALA: Ngabe uZandi Khumalo useqalile ukuxhelwa yicala likaMeyiwa?

Abaqale umdlalo kwiPirates: Chaine (Ofori 46′), Xoki (Mthethwa 46′), Sibisi (Maela 46′), Monyane (Shandu 46′), Mako (Hotto 46′), Monare (Mosele 46′), Timm (Ndlondlo 60′), Saleng (Ratomo 60′), Maswanganyi (Lepasa 46′), Dlamini (Marou 46′), Erasmus (Eva Nga 60′).