EzakamuvaIbhola

Pirates v Sundowns: Sibheka abadlali abamqoka

Kolamula ukukhala kwempempe yokuqeda umdlalo e-Orlando Stadium la kuzobe kubhuquzisana khona i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bebanga amaphuzu amathathu. 

Lo mdlalo weDStv Premiership ungoLwesithathu ngo-7.30 kusihlwa kanti ngenxa yamagqibu akhona phakathi kwalamaqembu, akungabazeki ukuthi kuzosiphuka izidindi.

ISundowns iyona ezihola phambili kwilogi njengamanje njengoba ikhombise ukuba sezingeni eliphezulu kusukela kuqale isizini.

AmaBrazilians, asenqobe izicoco eziyisithupha zokugcina zeDStv Premiership, aseyiwine yonke imidlalo eyisithupha yokuqala. 

Aseqoqe amaphuzu angu-18 kuze kube manje. Leli qembu lasePitoli lidlala kahle futhi uma lihlasela kuvalwa amehlo. 

IDowns isishaye amagoli angu-13 kuze kube manje, kanti isangenelwe amabili nje kuphela.

I-Orlando Pirates yona iqale umkhankaso wayo weligi ngenothi elibi futhi isanqobe kabili, yadlala ngokulingana kowodwa, yanqoba kanye emidlalweni emine. 

Lezi zinkunzi zaseSoweto zisendaweni yesikhombisa kwilogi ngamaphuzu ayisikhombisa.

Nokho, leli qembu lisadlale kahle naphezu kokuphoxeka kokuhlulwa yiJwaneng Galaxy emlenzeni wokuqala emdlalweni wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ngempelasonto edlule.

IPirates izobe ibheke ukubuyela emgqigqweni wokunqoba, kodwa ngeke kube lula njengoba iSundowns nayo izobe ihlose ukuqhubeka nokunqoba.

Imidlalo yalolu hlobo ivamise ukunqotshwa ngumdlali oyedwa oba yiqhawe, abe nesibindi nobuhlakani. 

Lapha sibheka abadlali ababili kwiPirates nababili kwiSundowns okungaba yibo abaweza iqembu labo kulo mdlalo. 

Kwi- Orlando Pirates

UPatrick Maswanganyi: Lo mdlali odlala esiswini ugqamile kwiBhakabhaka kusukela kuqale isizini. 

Ufike nomwhluko kwindlela iPirates ehlasela ngayo futhi uvele wangena khaxa esitayeleni seqembu. 

URelebohile Mofokeng: Lo mdlali osemncane ukhushulelwe eqenjini elikhulu esuka kweleDStv Diski Challenge. 

Ufike washeshe wangena esitayekeni futhi kumanje usengomunye wabadlali abamqoka eqenjini likaJose Riveiro. 

Uxhumana kahle kakhulu noMaswanganyi Ndabayithethwa Ndlondlo noMonnapule Saleng uma kuhlaselwa.

KwiMamelodi Sundowns

ULucas Ribeiro: Ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu, uRibeiro usekhombise ukuba ngumdlali omuhle kakhulu. 

Lo mdlali waseBrazil usehlohle amagoli ayisithupha emidlalweni eyisishiyagalombili.

FUNDA NALA: UMolatedi ukhala ngesinongo esiwuKeagan Dolly kwiChiefs

UMarcelo Allende: Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala waseChile unekhono elihle lokuphakela abagadli amabhola amahle. 

Ungomunye wabadlali okuzomele izitobha zePirates zimqaphe ngeso lokhozi kulo mdlalo.