ISuperSport izoyiketula iDowns, kuthembisa uGavin Hunt
Alfred Ngubane
Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt ukholwa wukuthi iMamelodi Sundowns ingabambeka, ingazidleli amahlanga kule sizini ezayo.
Ngokusho kukaGavin Hunt, iSundowns izofika zigawulwe zabekwa inyandana kulokhu njengoba ethi ezakhe zihlome ngokwanele ukuyifakela inselelo.
Sekuphele amasizini ayisikhombisa iSundowns izenzela ebholeni lakuleli, ikakhulukazi kwiDStv Premiership esiyidle amahlandla ayisithupha kulandelana.
Kodwa manje uGavin Hunt uthi usekulungele ukuwuvala lo mbuso weMasandawana, ike nayo izwe kunjani ukuqeda isizini ungasitholanga isicoco seligi.
“Ngicabanga ukuthi ngonyaka odlule ngibonile lapho besishoda khona,” kusho lo mqeqeshi oseke wayiwina amahlandla amane iligi yakuleli.
“Kungakho ubona siqale ukusayina abadlali abaningi abanohlonzo kusanesikhathi. Yingoba besinesikwati sabadlali abancane ngeyedlule.
“Sizamile ukujaha iligi noma kunjalo ngonyaka odlule kodwa saphazamiseka kakhulu ngokulimala kwabadlali bethu abamqoka.
“Abadlali esibathengile ngabadlali abazosinika lokhu esikudingayo njengoba kunabadlali abancane nabadala.”
Kuzokhumbuleka ukuthi uGavin Hunt uzethemba kanjena nje ubona amaqembu afan ne-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ezoba yingozi enkulu kule sizini ezayo.
Lo mqeqeshi waqala ukunqoba isicoco seligi neSuperSport futhi wasiphinda amahlandla amathathu kulandelana.
Ukuphindile lokho neBidvest Wits ngaphambi kokuthi ihlakazwe qede isitifiketi sayi sidayiselwe iTshakhuma Tsha Madzivhandila.
Ungomunye wabaqeqeshi abanamava anzulu kakhulu ebholeni lakuleli. UHunt uyakwazi ukuhlela iqembu azohlasela ngalonjalo uma efuna ukunqoba izindebe.
ISuperSport kumanje amakhabethe agcwele izintuli njengoba ingasayazi inkomishi yeligi noma ke esinye nje isicoco.
FUNDA NALA: Uma engafundanga kuZongo, uDumisani Zuma uzozisola
EzikaGavin Hunt zizovula isizini ekhaya eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ka-Agasti 5 la zizobhekana khona neRichards Bay FC.
Leli qembu laKwaZulu-Natal selicijwa nguKaitano Tembo oke wasebenza isikhashana kwiSuperSport kodwa waxoshwa ngoba ephikwa yizinto.