EzakamuvaIbhola

Uma engafundanga kuZongo, uDumisani Zuma uzozisola

Sihle Ngubo

UDumisani Zuma osanda kusayina kwiMoroka Swallows alingatshazwa nakancane ikhono lakhe kunobhutshuzwayo.

Nokho okunye okungangatshazwa ngaye ukuthanda kwakhe ubumnandi nokuphuza utshwala aze akhohlwe nokuthi ungumdlali webhola elikhokhelayo. 

Iyona into ephoqe iKaizer Chiefs ukuthi imdedele ekuqaleni kwesizini edlule yize abalandlei bebesazifela ngalo mdlali.

Empeleni uDumisani Zuma uhlalile impela kwiChiefs yize bekuvela kaningi ukuthi uyahlupha ngokuphuza utshwala. 

Amakhosi abekufihla lokhu ngoba abemthanda uZuma futhi ethathiswa okwengane yakhona. 

Kuvele ukuthi kuze kwaba kathathu eyiswa esikhungweni sokuhlumelelisa izimilo. Nokho lo mdlali ubelokhu enza amaphutha iChiefs yabona ukuthi into yakhe izogcina seyenza abanye abadlali bashaye amakhala.

Uthathwe AmaZulu FC ngemuva kokuxoshwa yiChiefs. Nakhona lifike lavuka ikakade njengoba ebebalwa kubadlali boSuthu abebenenkinga yotshwala. 

Usuthu luzamile ukugqiba inkinga yotshwala ebihlasele eqenjini kodwa umengameli walo uSandile Zungu ugcine egonyulukile ngalokhu, wavuma ukuthi bakhona abadlali abebehlupha ngotshwala ngesizini edlule.

Udedeliwe uDumisani Zuma wase ezitholela ukwamukelwa nguSteve Komphela esidlekeni seZinyoni. 

Akwaziwa ukuthi uzoziphatha kanjani lapho kodwa lo mdlali oneminyaka engu-28 kumele acabange isimo sikaMasibusane Zongo.

UZongo unekhono eliyisimanga ebholeni kodwa ukuthanda amankwebevu nobumnandi kusheshe kwaqeda ngaye kunobhutshuzwayo. 

Eminyakeni anayo engu-33 uZongo kumele ngabe usalidlala ibhola futhi ubezoya nakanjani kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast neBafana Bafana.

Kodwa kuyimanje abalandeli bebhola abazi nokuthi ukuphi ngenxa yokwehluleka ukuziphatha. 

Ugcogcome inqwaba yamaqembu okungabalwa kuwona iSuperSport United, iVasco da Gama, iBidvest Wits, iBlackburn Rovers, iPlatinum Stars, iRoyal Eagles, iChippa United neTshakhuma.

Kuwo wonke la maqembu ubengahlali futhi udlale imidlalo embalwa kakhulu. 

YikwiPlatinum Stars kuphela lapho edlale imidlalo eminingana engu-21. 

KwiSuperSport udlale engu-18 kanti kwamanye amaqembu bekufana nokuthi ufike wajika nje wabuyela esipotini wayophuza.

UDumisani Zuma angazithola kuphela ngaye ebholeni engakahlanganisi kwayona iminyaka engu-33 uma engashintshi ukwenza. 

FUNDA NALA: UMark Harrison ugxeka imenenja kaBilliat ngokuhubha imali

Kumele abuke indlela ehanjwe uZongo, bese ebonga ithuba alinikwa uKomphela kwiSwallows. Kungenzeka ukuthi yithuba lokugcina.