EzakamuvaIbhola

UHugo Broos uxakwa yipapa nokushayela kuphela kuleli

Kwadingeka ayeke enye yezinto abezithokozisa ngazo – ukugibela ibhayisikili – uma efika kuleli umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos ngenxa yendlela okushayelwa ngayo.

Lokhu kuvezwe yilo mqeqeshi engxoxweni abe nayo nabezindaba muva nje ngemuva kokubuya kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast. 

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ubevuleleka ngenhlalo yakhe kusukela afika kuleli eminyakeni emithathu edlule.

Uveze ukuthi impilo imnandi kuleli, uma eqhathanisa neyaseCameroon la ake wasebenza khona phambili. 

Uthi uma ungalanda umuntu waseBelgium, umvale amehlo engaboni umsaphi, bese umvula eseseSandton, eGoli, engazitshela ukuthi usaseBelgium. 

“Kungcono ngokuphindwe kashumi kunaseCameroon,” kusho uHugo Broos kulo mhlangano nabezindaba.

“Okungenza nginjabule lapha wukuthi ngiphila impilo efanayo nengiyiphila eBelgium. Bekungenzeki lokho eCameroon. 

“Bekungenzeki nhlobo. Akudingeki ngize ngikutshele ukuthi injani impilo kwamanye amadolobha ase-Afrika.

“Kulungile ke, neGoli aliphephile – kodwa ke mina angihlali enkabeni yedolobha, ngihlala eSandton.

“Ngakho lapha ngiyakwazi ukuphuma ngizilulele izinyawo emgwaqeni noma ngiyothenga ukudla kwasendlini noma ngiyodla endaweni yokudla. 

“Bengingeke ngikwenze lokho eCameroon. Impilo lapha ingcono ngokuphindwe kashumi kunaseCameroon. 

UHugo Broos ujabule kuleli

“Abantu bayangibuza ukuthi, ‘injani iNingizimu Afrika?’. Ngibaphendule ngokuthi, ‘uma ngingakuvala amehlo ngikubeke eSandton, bese ngikubuza ukuthi ulaphi, ngeke uze usho ukuthi useNingizimu Afrika’.

“Kungoba kuhle kakhulu lapha. Kunempilo emnandi lapha kuleli zwe. Kukhona konke engikudingayo ngaphandle komndeni wami.

“Impilo engiyiphila la ifana ncamashi nengiyiphila eBelgium,” kuchaza uHugo Broos. 

“Yingakho impilo ingeke ibe yisizathu engingathi ngelinye ilanda esingishiyisayo – ngithi angiyithandi impilo yalapha… Ngijabule lapha.” 

UHugo Broos ube eseveza nokuthi esikhathi ekuleli, ubezama ukuzijwayeza isikompilo okuhlanganisa indlela yyokuphila nokudla kwakuleli.

Nokho ipapa uthi cha ngeke impela aze alijwayele futhi uyamangala uma ebona umuntu olidlayo futhi elijabulela. 

Okunye angakujwayeli yindlela okushayelwa ngayo kuleli athi kuyingozi futhi kwenze angaqali kwakuqala ukuhamba ngebhayisikili lakhe. 

“Ukudla kwaseNingizimu Afrika engikuthandayo, kukhona inkukhu eyenziwa ihambisana nezitshalo nokunye okunjalo. 

“Angilithandi ipapa. Ngihlezi ngimangala uma abadlali bephaka inqwaba yalo ngizibuze ukuthi engabe uzoliqeda yini.

“Mina ngilizwa linganambitheki nje nhlobo. Ngabe ngiyabheda? Ngabe sengibona ne-chakalaka, ngayizama.

“Ngiyayithandanyana yona kodwa ke ayiyona into yami,” kuchaza lo mqeqeshi okumanje usaphumule ngakubo eBelgium. 

“Selokhu ngafika lapha ibhayisikili lami ngalishiya ekhaya. Uma ngiseBelgium ngiligibela cishe amakhilomitha ayikhulu noma ngaphezudlwana. 

“Kodwa uma ngibona isiminyaminya kuleli, ngibona kuyingozi. 

“Ngale kwalokho ngabe ngeza nalo ibhayisikili lami. Ngeke uligibele ibhayisikili kuleli, kuyingozi.