EzakamuvaIbhola

Isazama ukuhlanganisa abadlali iMilford 

Alfred Ngubane

IMilford FC ibamba iyayeka njengoba izama ukuhlanganisa iqembu eliqinile ezodlala ngalo kwiMotsepe Foundation Championship. 

Ngokuthola kweMpempe, leli qembu alinabo abadlali abanamava ezigabeni ezikhokhelayo njengoba lingabatholanga abebekuThongathi. 

IMilford izodlala kulesi sigaba esikhokhelayo okokuqala kule sizini njengoba ithenge isitifiketi soThoongathi. 

UMlibo Pupuma okhulumela leli qembu uthe babili kuphela abadlali abafike noThongathi okungoXolani Silawuli no-Olwethu Cele.

“Abanye kade bengenazo izinkontileka noThongathi kodwa bafikile sababheka kodwa asanganeliseka ngabo,” kusho uPupuma. 

Uveze nokuthi kukhona ababili asebebatholile okungoMenzi Chili owazakhela igama kwiMaritzburg United noSiphelele Magubane oke wadlala kuMaZulu FC neGolden Arrows. 

Leli qembu lizobonakala okukuqala lidlala kwiKwaZulu-Natal Premier’s Cup lapho lizotholana khona neMaritzburg United. 

La maqembu kulindeleke asebenzise le midlalo ukuzihlola ukuthi asekulungele kanjani ukuqala kwemidlalo yeligi. 

Kubhekwe ukuthi alwele ukukhushulelwa kwiDStv Premiership. Kodwa isiqalo seMilford sesithanda ukufaka ukungabaza ngamathuba ayo. 

FUNDA NALA: ISuperSport izoyiketula iDowns, kuthembisa uGavin Hunt

Ukuthi namanje ayikabi nalo iqembu eliphelele kube sekusele amaviki amabili iqale iligi akulona neze uphawu oluhle.