UNtseki uzozijika izinto kwiChiefs – Khune
Njabulo Shezi
Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune usephumele obala ngokweseka kwabo umqeqeshi osanda kuqashwa kwiKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki.
U-Itumeleng Khune, ongukaputeni weChiefs, ubukeka ehlabeke umxhwele ngomsebenzi kaNtseki athi uyacophelela kuyo yonke into abayenzayo.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha iBafana Bafana ubekwe kulesi sihlalo esishisayo seChiefs ngemuva kokuthi leli qembu lihlulekile ukuthola uNassredine Nabi.
Ukuqashwa kwakhe akwehlanga kahle kwinigi labalandeni abambona engawufanele lo msebenzi, kodwa uKhune ubona ngenye indlela.
UNtseki ubelungiselela iqembu isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership. Kumanje uNtseki neqembu lakhe baseDar es Salaam lapho bezodlala khona neYoung Africans SC emdlalweni wobungani ngoMgqibelo.
Asingabazeki ke isisindo somthwalo wokujika izinto osemahlombe kaNtseki ngemuva kwesomiso seminyaka eyisishiyagalombili eNaturena.
“Kwakunamahlebezi okuthi (u-Mohammed Nassredine Nabi) uyeza kwiKaizer Chiefs, angazi ukuthi kwenzekalani ngaye,” ucashuwne esho kanje u-Itumeleng Khune kwiDar24.
“Kodwa sinomqeqeshi omusha (uNtseki) manje ngakho siwubheke ngabomvu umdlalo. “Ngezwa ngawo (amahlebezi kaNabi), ngafunda ngawo, kodwa izinto azenzekanga ngendlela okwakubikwe ngayo.
“Kodwa sijabule ngomqeqeshi esinaye, futhi sizomeseka ngokugcwele okuyinto emfanele.”
UNtseki uzobe ekhombisa isandla sakhe okokuqala esidlangalaleni kulo mdlalo njengoba uzokhonjiswa nakwithelevishini.
Akuwona ke umdlalo olula ngoba iYoung Africans iwusebenzisela ukuzihlola ukuthi seyikuliphi izinga ngokwamalundiselelo esizini.
Imema amaqembu amakhulu akwamanye amazwe ngoba isuke ubungaza usuku lwayo, yethula nnabadlali abasha kubalandeli bayo.
Kulindeleke ukuthi igcwale phama iBenjamin Mkapa Stadium okuzodlalelwa kuyo lo mdlalo ngoba ubhekwe ngabomvu.
Ngemuva kwawo iChiefs izodlulela eBostwana la izodlala khona neTownship Rollers komuunye umdlalo wokuzwana amandla ngoJulayi 29.
FUNDA NALA: Isazama ukuhlanganisa abadlali iMilford
Ngemuva kwalokho izobe isibuyela ekhaya izoqedela amalungiselo bese kuthi ngoMgqibelo ka-Agasti 6 ibhekane neChippa United emdlalweni wayo wokuqala weDStv Premiership.