EzakamuvaIbhola

Uzibona engenza kangcono kwiBafana uBenni McCarthy

UBenni McCarthy, ongumqeqeshi wabagadli kwiManchester United, uthi yena angenza kangcono kakhulu kwiBafana Bafana uma enikwa ithuba lokuyiqeqesha.

Le ngwazi eyayidlalela iqembu lakuleli lesizwe, ibona iNingizimu Afrika ingakwenza osekwenziwe yiGhana neMorocco, ukudlula esigabeni samaqoqo kwiNdebe yoMhlaba.

IMorocco isanda kumangaza abaningi ngo-2022 eQatar, lapho ifinyelele kowandulela owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba.

“Noma yimuphi umdlali ogcina esengumqeqeshi noma imenenja, iphupho lakhe kuhlale kuwukuqeqesha iqembu lakhe lesizwe,” kusho uBenni McCarthy, ekhuluma neDiski Times.

“Kimina kungaphezulu, lowo mlilo uvutha kakhulu. Kungenxa yokuthi iNingizimu Afrika ayikaze izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba kusukela ngo-2010.

“Noma ke ngo-2002 ngoba phela ngo-2010 sadlala kwiNdebe yoMhlaba ngoba singosokhaya. Lokho nje kusangidla.”

IBafana Bafana iphuma kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast, lapho yenze kahle kakhulu khona.

Akekho obelindele ukuthi iqembu lakuleli lihambe lize lifinyelele kweyandulela owamanqamu kwi-Afcon. 

IBafana igcine ibuye nendondo yethusi ngokuphuma endaweni yesithathu kwi-Afcon.

“Ngingalisiza iqembu lethu lesizwe ukuthi lizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba,” kuqhuba uBenni McCarthy.

“Hhayi nje lokho kuphela kodwa lingahamba ibanga elide kwiNdebe yoMhlaba.

“Lingadlula esigabeni samaqoqo lenze lokhu osekuke kwenziwa yiMorocco neGhana kwiNdebe yoMhlaba eminyakeni edlule.”

Kungekudala iBafana izoqhubeka nokudlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba

Ukube kuya ngaye uBenni McCarthy, nguye obeyobe esengumqeqeshi ngaleso sikhathi.

Umqeqeshi uHugo Broos unokuzethemba okukhulu ukuthi iqembu lakhe liyaya kwiNdebe yoMhlaba ngo-2026.

Kufanele azethembe (uBroos) ngemuva kokufaka iBafana kwi-Afcon, nokufike enze obekungalindelwe abaningi kulo mqhudelwano.

Umengameli weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordan, usanda kuqinisekisa ukuthi uBroos, oneminyaka engu-71, uzoqhubeka nokuhola iBafana.

Lo mqeqeshi, odabuka eBelgium, waziwa ngokuzikhulumela nokungashintshi ezinqumeni azithathayo uma ekhetha abadlali abayibamba kwiBafana Bafana.