EzakamuvaIkhilikithi

URabada uzisondeze endumisweni enqobisa amaProteas

SIHLE NGUBO

UKagiso “KG” Rabada sekusele kancane angene endumisweni yokuhlanganisa amawikhethi angu-300 emidlalweni yeTest.

Lo mshwibi wamaProteas uthathe amawikhethi amathathu ngesikhathi iqembu lakuleli linqoba iWest Indies ngama-run angu-40 kwiTest yesibili ngosuku lwesithathu, eProvidence Stadium, eGuyana, ngoMgqibelo.

Ukunqoba kwamaProteas kuchaza ukuthi asekhale emuka nochungechunge lwemidlalo emibili yeTest ayidlala neWindies. Umdlalo wokuqala uphele ingekho egobe uphondo.

URabada neqembu lakhe bebedinga ukuthi bayikhiphe yonke iWest Indies obekumele ifice ama-run angu-263 ukuze inqobe umdlalo. Ngokubambisana noKeshav Maharaj, naye othathe amawikhethi amathathu, bayimpintshele ekhoneni iWindies yagcina iphume yonke ina-222.

Phambilini iNingizimu Afrika ibiqale usuku ina-223/5 kodwa yagcina iphume yonke ina-246. Lokhu bekusho ukuthi ihamba phambili ngama-run angu-262. UKyle Verreynne uyena owenze kahle kule innings njengoba eshaye ama-run abalulekile angu-59 ngaphambi kokuthi aphume.

Njengamanje uRabada unamawikhethi angu-299 emidlalweni yeTest. Kungekudala uzojoyina iqeqebana labadlali abafana noShaun Pollock, uDale Steyn, uMorne Morkel, u-Allan Donald noMakhaya Ntini, abathathe amawikhethi angu-300 kuya phezulu emidlalweni yeTest.

AmaProteas neWest Indies bazoshintshela emidlalweni yeT20 emithathu eqala ngoLwesihlanu. URabada akekho esikwatini seT20 ngoba ephunyuzwa, kanti kuzobonakala umfana osemncane uKwena Maphaka.