EzakamuvaIbhola

UJomo akanankinga nonombolo 10 weBucs, akamboni omfanele

Inkosi yebhola laseNingizimu Afrika, uJomo Sono, ongumphathi nomqeqeshi weJomo Cosmos, ayikugqizi qakala ukuthi kusetshenziswe ijezi unombolo 10 kwi-Orlando Pirates.

Leli jezi laligqokwa uyena uSono ngezikhathi zakudala, esayibamba kuchwaze yonke inkundla, egqoke imibala yeBucs.

Ukuhlonipha le nkakha, iPirates yanquma ukulibeka leli jezi njengoba namanje kungekho oligqokayo.

Nokho uSono akaboni kungaba yinkinga ukuthi kube khona umdlali wePirates ozosebenzisa unombolo 10.

“Anginayo nencane inkinga ukuthi kube khona oligqokayo kwiPirates,” kusho uSono.

“Ukukhuluma iqiniso nje, bangalinika noma ubani abafuna ukumnika. Ijezi alilidlali ibhola, umdlali odlalayo.

“Kudala bekungewona unombolo 10 kuJomo owawudlala. Kodwa uJomo owayedlalela iPirates egqoke unombolo 10.

“Ukuthi le nombolo yabe seyibukeka ihlangene nami kakhulu, wonke umuntu wabe esekholwa wukuthi yimina kuphela okumele ayigqoke.”

NakwiKaizer Chiefs ijezi unombolo 15, owawugqokwa uDoctor “16V” Khumalo, akekho umdlali owugqokayo.

“Ngesikhathi ngidlalela iPirates ngangizimisela, ngangifuna ukudlala ibhola ngenzele iqembu lami,” kusho uSono.

“Ukuthi ngangigqoka yiphi inombolo kwakungangikhathazi nakancane. 

“Kodwa uma ubuza abantu abangibona ngidlalela iPirates ngesikhathi sami, bese uthathe ijezi uzame ukulinika omunye wabadlali abakhona, nginesiqiniseko sokuthi ngeke ulinike muntu.

“Yileyo impendulo yami kuphela nje. Kodwa konke kulele kwiPirates ukuthi inqume ilinika bani.

“Kodwa ngokwami angikamboni umdlali ofanelwe ukuligqoka okwamanje.”

Le nombolo iPirates iyisebenzisa kuphela uma kudlalwa imidlalo yeCaf njengoba kumanje ligqokwa uVincent Pule uma bedlala kule miqhudelwano yezwekazi.

Elinye ijezi elingasetshenziswa kwiPirates unombolo 1 owawugqokwa uSenzo Meyiwa, ongasekho emhlabeni.

Nonombolo 22 owaqugqokwa uLesley Manyathela nawo awusetshenziswa, ngokunjalo nonombolo 13 owawusetshenziwa uClifford Moleko.