Uncategorized

Banyana: Abadlali abahlanu abazoba wukhiye eNdebeni yoMhlaba

Njabulo Shezi

IBanyana Banyana izoqala umkhankaso wayo kwiFifa Women’s World Cup ngokubhekana neSweden ngeSonto ngo-7 ekuseni.

Leli qembu libhekene neqembu laseSweden elithathwa njengelinye lamaqembu esizwe abesifazane ahamba phambili emhlabeni. 

Kodwa uDesiree Ellis, ongumqeqeshi weBanyana Banyana, unethalente eliningi eqenjini lakhe elingakwazi ukumelana neSweden. 

IBanyana ingompetha beCaf Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) futhi akungatshazwa ukuthi izimbangi sezizoyiqapha ngeso lokhozi ngenxa yokunqoba iWafcon.

IkuGroup G kanti izophinde idudulane ne-Argentina ne-Italy ngemuva komdlalo weSweden, izama ukufinyelela esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano. 

Lapha sibheka abadlali abahlanu abaseqenjini leBanyana Banyana okungenzeka bagqame futhi ababhekiwe kuleli qembu. 

UThembi Kgatlana: Ngemuva kokuhlala isikhathi eside elimele, uKgatlana ubuye ngegiya eliphezulu. 

Lo mgadli walimala kwiWafcon ngonyaka odlule, kodwa ukubuya kwakhe kube kuhle eqenjini njengoba eshaye igoli ngesikhathi iqembu linqoba ngo 2-0 kwiCosta Rica.

Lo mdlali ozalelwe eMohlakeng ungumdlali obalulekile eqenjini lika-Ellis futhi ijubane lakhe nobukhali bakhe phambiili kubalulekile eqenjini.

UHilda Magaia: Waba yiqhawe leqembu kwiWafcon ngokushaya amagoli amabili kowamanqamu. UMagaia ungomunye wabadlali ababalulekile eqenjini leBanyana yize engakutholi ukunconywa okumfanele. 

Uhamba phambili ekushayweni kwamagoli futhi uyakwazi ukujika umdlalo. Uyashesha futhi uyakwazi ukuqonda ngqo izitobha. 

Ukuba khona kwakhe kuzobathwalisa kanzima abadlali basemuva bezitha futhi uzophinde abheke ukuvelela ikakhulukazi kuleli zinga asekulo. 

ULinda Motlhalo: Uhlale ekhulumela phansi, kodwa ucabanga ngokushesha enkundleni futhi nguye olawula isivinini somdlalo. 

UMotlhalo ungomunye wabadlali abaseqenjini abanamava njengoba eseke wadlala kumaligi amakhulu afaka eyaseSweden, eyase-US neyaseScotland.

UNoko Matlou: Ungumdlali osemnkantshubomvu eqenjini. Wake waba ngumdlali wonyaka wesifazane kwiCaf ngesikhathi esengumgadli. 

UMatlou waguqulwa waba umdlali wasemuva eminyakeni embalwa edlule futhi wafakwa uwenza kahle lowo msebenzi. 

FUNDA NALA: UNtseki uzozijika izinto kwiChiefs – Khune

Kumanje udlala eSpain kwiSD Eibar. Usengomunye wabakhulile eqenjini njengoba eseneminyaka engu-37. 

URefiloe Jane: Ungukaputeni weqembu nomunye wabadlali abanamava eqenjini. UJane ungumdlali wasemuva weqembu okwaziyo ukuvikela uyasiza noma kuhlaselwa.