EzakamuvaIbhola

UKarim Kimvuidi ufisa ukuya phesheya, usengakhalela nje kwiBucs

Alfred Ngubane

Umgadli weMaritzburg United, uKarim Kimvuidi uthi yena ufuna ukoyodlala phesheya kwezilwandle kodwa uma ngabe kungahlangani uzogqubeka nokudlala kuleli.

UKarim Kimvuidi, odabuka eDR Congo, gnomunye wabadlali beMaritzburg abadlale kahle ngesizini edlule.

Nokho wehlulekile wukusiza leli qembu livike izembe njengoma manje selizodlala kwiMotsepe Foundation Championship.

Akubonakali ke nokho yena ezodlala kulesi sigaba njengoba kunamaqembu ambalwa adlala kwiDStv Premiership amhalelayo nafisa ukumthenga.

Kuwo kukhona nezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates. Kodwa okwamanje akukho okusaqinisekisiwe ngaye.

UKarim Kimvuidi uthi usihlalo weMaritzburg, uFarouk Kadodia ubeseke wamhlebela ukuthi kukhona amaqembu amfunayo kuleli.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uKadodia wathi ufuna uR12-million ngalo mdlali. Kodwa kuze kube manje alikho iqembu eselifike nale mali.

“Ungitshelile usihlalo ukuthi kukhona amaqembu aseke avela kuye ebuza ngami. Kodwa okwamanje angazi kuzokwenzakalani.

“Mina isifiso esikhulu sami wukuyodlala phesheya kwezilwandle. Kodwa uma kungalungi ngizoqhubeka kuleli,” kusho uKarim Kimvuidi.

Lo mdlali ubekhona ngesikhathi iMaritzburg igadulisana naMaZulu FC kwiKZN Premier’s Cup ngempelasonto.

Kodwa esinye isihlabani seMaritzburg, uRowan Human yena ubengekho kule midlalo nokucuthele umlilo wamahhebezi okuthi uyashiya kuleli qmebu.

NjengoKimvuidi, uHuman uhehe inqwaba yezesheli ngendlela adlale ngayo okukhona kuzo iKaizer Chiefs neSuperSport United.

FUNDA NALA: UJordaan nesandla semfene ‘kujeziswa’ uDlamini kwiBanyana

Kufanele ukuthi leli viki laba badlali sebazi ukuthi kwenzakalani ngekusasa labo njengoba amaqembu ezosonga amalungiselelo esizini entsha.

Isizini entsha yeDStv Premiership iqala ngempelasonto ka-Agasti 5 ngakho amaqembu asalelwe amaviki amabili ngaphambi kokuqala komshikashika.