UJordaan nesandla semfene ‘kujeziswa’ uDlamini kwiBanyana
Njabulo Shezi
Izinkinga ziyelamana kwiBanyana Banyana ehlulwe yiSweden emdlalweni wayo wokuqala eNdebeni yoMhlaba eNew Zealand ngeSonto ekuseni.
IBanyana ihlulwe ngo 2-1 kulo mdlalo. Kumangaze abaningi ukungadlaliswa kukanozinti u-Andile Dlamini kulo mdlalo, kodwa kwaqalwa ngoKaylin Swart.
Osekuvela wukuthi ukungadlaliswa kukaDlamini kulo mdlalo kungenza yomyalelo kamengameli weSafa uDanny Jordaan.
Kuthiwa udonse umqeqeshi uDesree Ellis ngendlebe ukuthi angamdlalisi kulo mqhudelwano ukuze afunde isifundo.
UDlamini usolwa ngokuthi nguye owasusa isiteleka sabadlali ngaphambi kokuthi leli qembu liye kulo mqhudelwano.
Kuzokhumbuleka ukuthi iBanyana yaduba ukudlala umdlalo wobungani neBotswana ithi ifuna kuphethwe udaba lwemihlomulo nemiholo kuqala.
ISafa yayigoloza ukufaka kwizinkontileka zabadlali ukuthi bazothola malini ngemuva kwalo mqhudelwano.
UJordaan wabe esesolwa nxazonke ngokuqinisa kwakhe ikhanda kulolu daba. Kwaze kwangenelela iMotsepe Fundation nabeLotto banikela ngemali yemihlomulo yabadlali.
Manje abeRushonSports babika ukuthi yikho lokhu okudalele uDlamini – okunguyena nozinti iphambili kwiBanyana – isigcwagcwa.
“Ukungadlaliswa kukanozinti u-Andile Dlamini emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba neSweden bekuyindlela yokumjezisa.
“Umqeqeshi weBanyana uDesree Ellis noDanny Jordaan basola yena ngokuvukuza abadlali ukuthi batelekele imihlomulo,” kubikwe kanje.
Kuvela nokuthi abadlali badlale bengeneme ngenxa yalokhu okwenzekile kwazise bayamethemba uDlamini futhi uyilungu eliqavile leqembu.
Ngaphezu kwekhono lakhe lokuvimba, ungumdlali obalulekile kwiBanyana njengoba ekwazi ukukhomoza ozakwabo, abafake umfutho uma umdlalo ubasinda.
Yize ilishaye kuqala igoli kwiSweden, kodwa iBanyana igcine yehlulekile njengoba lezi zimbangi zibuyile zashaya amagoli amabili.
Nawo ke abanye bathi uDlamini ubengawenza umzamo wokuthi angamudli lamabhola ngoba abengekho nzima ngaleyo ndlela.
FUNDA NALA: ISweden idlule izwile kwiBanyana Banyana ekhombise ubuqhawe
Izinto zibukeka zingezinhle kwiBanyana futhi kuyacaca kuningi okusazovela okungekuhle okwenzeka esithe kuleli qembu.