EzakamuvaUncategorized

AbeChiefs neBucs abasamdinelwe uBen 10 oseshiye iDowns?

SIHLE NGUBO

UBongani “Ben 10” Zungu, osanda kushiya kwiMamelodi Sundowns, uke wangathandwa abalandeli abathile bebhola kulandela ukudlalisa kwakhe kabi uBernard Parker, weTS Galaxy.

UParker wephuka amathambo omlenze womabili kulandela ukuhlangana kabi noZungu emdlalweni weCarling Cup Knockout ngoNovemba nyakenye. Ngemuva kwalokho kwaba nezinkulumo eziningi, uZungu esolwa ngokuthi wayehlosile ukulimaza uParker ngoba akazange azihluphe ngokuxolisa ngalesi senzo.

Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika babehlukene phakathi ngalokhu kodwa abaningi babezwakala bemdinelwe kakhulu uZungu. Indaba iqhubekile uZungu esedlaliswa kabi umdlali weTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership.

UZungu wakhishwa ngohlaka wangabe esabuyela enkundleni kulandela ukudlaliswa kabi u-Orebotse Mongai weTS Galaxy, emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli. Ngemuva komdlalo uMokwena wayedinwe egane unwabu, walibeka ngembaba elokuthi uZungu ulinyazwe ngenhloso yokuphindisela. Udaba lukaMokwena neGalaxy lusenkantolo.

Ngeledlule uZungu uthuse abaningi edalula ukuthi akabuyeli kwiSundowns. Lokhu kushiya imibuzo eminingi mayelana nokuthi lo mdlali ngabe uxatshaniswe yini neqembu.

Nokho okuhlalukayo manje ukuthi uZungu sengathi abalandeli abasamdinelwe njengakuqala. Ezinkundleni zokuxhumana kukhona abeKaizer Chiefs abafuna imthathe lo mdlali, kanti bakhona nabe-Orlando Pirates abathi “mhlawumbe vele usesayine kweZimnyama.”

Njengamanje akekho owaziyo ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-31 ubheke kuphi. Ikhona nemibiko engaqinisekiwe emkhomba phesheya.