Umsinga uphunyulile emgogeni wecala lezibhelu zaseHarry Gwala
Alfred Ngubane
Sesigcine siphumile isinqumo ebesilindelwe ngabomvu secala lezibhelu zabalandeli beqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League, Umsinga United.
Ikomidi leSafa likhiphe isinqumo esingujuqu ngoMsombuluko sokuthi Umsinga awungene ecaleni lokuqhunyiswa kwezibhamu.
Leli cala lalingene ngemuva kokuthi kusuke izibhelu eHarry Gwala Stadium la leli qembu laliqeda kuhlulwa khona emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship ngoJuni.
Kwagcina sekuqhuma nezibhamu ngesikhathi abalandelo balo bejukujela nasenkundleni beveza ukungeneliseki kwabo ngonompempe.
Nokho iSafa unqume ukuthi Umsinga awuhlangene nokuqhuma kwezibhamu, futhi ngeke udingiswe kodwa uzohlawuliswa ngecala lokungena kwabalandeli bawo enkundleni.
Ngokwalesi sinqumo, leli qembu lizodlala imidlalo emithathu yasekhaya ngesizini ezayo bengekho abalandeli enkundleni.
Lizophinde likhokhe inhlawulo yemali enguR200 000. Nokho le nhlawulo izolengiswa ngombandela wokuthi ingatholakali necala elifanayo.
Usihlalo waleli qembu, uWelcome Mpanza usemukelile le sigwebo abasitholile, kodwa uphinde wakhwela wadilika kulabo abathi Umsinga kumele udingiswe ebholeni.
Usole abathile athi basebenzisa umsakazo othile ukuphendla amanga, okuphethe ngokuthi abalekelwe abadlali ngoba bezwa kuthiwa Umsinga uzodingiswa.
Leli qembu lidlale ingcwenga yebhola emidlalweni yokuhlungela nakuba lagcina lingaphumelelanga njengoba ladliwa kowandulela owamanqamu.
Indlela eladlala kahle ngayo yenza abanye babadlali balo baphenduke inyama njengoba ababili – oThabani Mthembu noBandile Ndlovu – bethathwe yiRichards Bay edlala kwiDStv Premiership.
Omunye umdlali uthathwe yiPolokwane City. Kuvela ukuthi abanye bazama inhlanhla emaqenjini ahlukene adlala kwiChampionship.
FUNDA NALA: Ulandelwa yizesheli azichaze eSpain owe-Orlando Pirates
“Kumanje eqenjini ebesidlala ngalo ngesizini edlule sisele noyedwa kuphela,” kusho uMpanza.
“Kodwa ke bakhona abadlali abasha engicabanga ukuthi bazosinika lento esiyifunayo,” kuphetha uMpanza.