UPatrick Tignyemb ugcona iChiefs, noRulani ‘olingisa’ uGuardiola
Njabulo Shezi
Owayengunozinti weChippa United neBlomefontein Celtic uPatrick Tignyemb usehlekise ngobuthuntu beKaizer Chiefs, wagcona nomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena.
IChiefs izidonsele amanzi ngomsele, yaphendula abalandeli bayo ihlaya ngempelasonto ngesikhathi idlala inhlakanhlaka yebhola ibhekene neYoung Africans yaseTanzania.
Leli qembu laseNaturena osekuphele iminyaka eyisishiyagalombili lingayazi indebe lihlulwe ngo 1-0 yiYanga emdlalweni wesihle ngoMgqibelo.
Nokho akukhona ukuthi yehluliwe kuphela okube yihlazo, nokuthi ihujiswe izithunzi umdlalo uqala uze uyophela yikho okube yihlaya kakhulu kubalandeli bamanye amaqembu.
Manje uPatrick Tignyemb naye ufake usawoti esilondeli efaka izithombe esikhombisa ukuthi iChiefs ibuthaka kanjanani.
Kulesi sithombe kuvela isithimbe sebhubesi libhonga likhombisa ukucasuka nokufuna impi. Siphelezelwa wumbhalo othi: IChiefs ngaphambi komdlalo.
Sihlanganiswe nesekhehla eselisele namazinto amabili bese kuba nombhalo othi: IChiefs uma seyisemdlalweni.

Phela ngaphambi kwalo mdlalo neYanga abalandeli beChiefs bebechoma bethi bazokhombisa ukuthi bazokwenzani kule sizini ezayo ngokubhaxabula leli qembu.
Abanye bebeze bachome nangokuthi lo mdlalo wezabo uzovezwa bukhoma kwithelevishini ekubeni eye-Orlando Pirates yaseSpain beyivezw akwiYouTube.
UPatrick Tignyemb uphinde wagcona noMokwena ongumqeqeshi weSundowns ohlale ebonakala enza izinto eziyaye zibonakale kumqeqeshi weMachester City uPep Guardiola.
Ngesizini edlule uMokwena ubehlala phezu kwe-cooler box, aqeqeshi nabadlali abasebhenshini okuwumkhuba owaqalwa uGuardiola.
Nendlela abegqoka ngayo beyikhombisa ukuthi uyayisika iphethini kulo mqeqeshi waseSpain.
FUNDA NALA: U-Austin Dube uthi ilahlekelwe iChiefs ngokuduba kukaBilliat
UPatrick Tignyemb yena ufake isithombe sikaGuardiola edlalisa omunye wabadlali bakhe ngokumkhahlela ezinqeni.
Ube esesiphelezela ngombhalo othi: Kukhona (umqeqeshi) osejahe kabi ukwenza lokhu ngesizini ezayo. Ngabe ubani?
