Luvuke kabusha uthando lukaThabo Cele kwiChiefs
Njabulo Shezi
IKaizer Chiefs kuthiwa isiziqale phansi izingxoxo zokuletha umdlali wasesiswini uThabo Cele eNaturena.
Kuvela ukuthi leli qembu seliyenyusile imali eliyibekela lo mdlali etafuleni ngenhloso yokuthi abuye le ePoland eze kuyo. .
Intshisekelo yaleli qembu laseSoweto ngoThabo Cele akuyona into entsha futhi yaqala ngo-2021, ngesikhathi Amakhosi esaqeqeshwa nguStuart Baxter.
Kodwa ayikwazanga ke ukumthola ngaleso sikhathi njengoba uThabo Cele agcina esejoyine iqembu lasePoland iRadomiak Radom.
Ngokombiko wabeSABC Sport, uThabo Cele uzobe esetholakala mahhala kusukela ngo-Agasti 1 kulandela isinqumo seRadomiak sokungayeluleki inkontileka yakhe.
Kuvela nokuthi leli qembu lasePoland selivele limsayinile umdlali elizovala ngaye isikhala sikaCele.
UCele uchithe amasonto ambalwa eNingizimu Afrika njengoba ebeseqenjini leBafana ebelidlala iCosafa Cup liqeqeshwa nguMorena Ramoreboli.
Lo mdlali oneminyaka engu-26, odabuka KwaMashu, eThekwini, udlale kahle kulo mqhudelwano, wakhombisa izinga eliphezulu.
Kukholakala ukuthi iChiefs isibeke etafuleni inkontileka yeminyaka emithathu kanti kulindeleke ukuthi uThabo Cele ayemukele maduze.
Uma esayina kwiChiefs, uzoba ngumdlali wesishiyagalombili osayinwe yileli qembu njengoba lakhiwa kabusha ngaphansi kwesanda sikaMolefi Ntseki.
Lo mqeqeshi uke wakusho vele kuleli viki ukuthi abakaqedi ukusayina, uma kuvela umdlali osezingeni abalibona lifanele, bazomthatha.
UThabo Cele uvele wakusho ukuthi usengakujabulela ukubuya ekhaya, azodlala kwiDStv Premiership okokuqala.
Lo mdlali, okhulele enkulisa yaseThekwini, i-Ethekwini Football Academy, uqale ukudlala ezigabeni ezikhokhelayo phesheya.
BUKA: Umunyu kwabeMaritzburg kususwa izithombe eHarry Gwala
“Ngeke uthi ngeke kwenzeko lokho ebholeni. Mhlawumbe ngizobuyela eNingizimu Afrika yize ngisafuna ukukhula e-Europe.
“Ngeke sazi ngekusasa lami, ngeke nginqabe ukudlalela iqembu lePSL,” washo kanje lo mdlali ngesikhathi ekwiBafana.