EzakamuvaIbhola

BUKA: Umunyu kwabeMaritzburg kususwa izithombe eHarry Gwala 

Alfred Ngubane

Kuvele kwabacacela abasebenzi beMaritzburg United ukuthi umbuso wabo edolobheni laseMgungundlovu usuphele ngampela, futhi sekunenkosi entsha eHarry Gwala Stadium. 

Lokhu kwenzeke ngoLwesine ngesikhathi sekususwa izithombe zaleli qembu njengoba kulungiselelwa ukufaka ezeRoyal AM. 

Le nkundla seyizosetshenziswa yiRoyal Am ukudlala kuyo imidlalo yasekhaya njengoba seyithuthile eChatsworth Stadium. 

Lokhu kwenzeka nje yingoba iMaritzburg idliwe yizembe njengoba seyizodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. 

Ngisho uxhaso ebinalo oluvela kumasipala wakuleli dolobha seyiluphuciwe, lwanikwa iRoyal AM njengoba sekuyiyo esele edlala kwiDStv Premiership.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi umbango walamaqembu mdala njengoba wasuka kuseyiRoyal Eagles bebanga yona le nkundla. 

IMaritzburg yala yaphetha ukuthi le nkundla bayisebenzise ngokubambisana neRoyal Eagles nokuyikho okwayenza yathuthela eThekwini. 

Ikomkhulu leRoyal AM, elibizwa ngeRoyal Ranch, liseMgungundlovu kodwa bekuthi uma inomdlalo iye eThekwini kusukela isadlala kwiChampionship. 

Manje izinto sezijikile, sekuyiMaritzburg okumele ithole enye inkundla ezodlalela kuyo njengoba kungabonakali iRoyal AM izovuma basebenzisane iHarry Gwala bonke. 

FUNDA NALA: ‘Uvukile umalambane’ i-Arrows ithola abaxhasi

Kwividiyo Impempe esiyitholile, kunomunye okusolakala ukuthi yisisebenzi seMaritzburg ezizwakala sibalisa ngesikhathi sibona kukhona oxebula izithombe zaleli qembu. 

Buka le vidiyo ngezansi: