EzakamuvaIBafana Bafana

UHugo Broos akayiboni nhlobo into edlalwa yiChiefs

SIHLE NGUBO

Akayiboni into edlalwa abadlali beKaizer Chiefs umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ongakhethanga noyedwa umdlali waMakhosi.

Lo mqeqeshi waseBelgium usho lokhu ngesikhathi ememezela iqembu lakhe labadlali abangu-23, elizobhekana neZimbabwe neRwanda emidlalweni emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IBafana Bafana izodlala neZimbabwe eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesihlanu (Okthoba 10), bese ivala imidlalo yokuhlunga ngokubhekana neRwanda ngo-Okthoba 14.

Eqenjini likaBroos, elinabadlali abaningi beMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, akekho noyedwa umdlali waMakhosi.

UBroos uthe ngokwakhe ayikho into ayibonayo edlalwa yileli qembu laseNaturena.

“Kulungile, mhlawumbe abantu bazongidinelwa futhi, kodwa bengisemdlalweni weChiefs izolo (ngoLwesithathu) futhi iChiefs ayidlalanga umdlalo omuhle, ngiyaxolisa,” kusho uBroos kwiSABC Sport.

“Yini ithuba? Ngabe ukukhahlelela ipali yithuba lelo?” Kubuza uBroos ngesikhathi etshelwa ukuthi iChiefs yakhe amathuba amaningi ngesikhathi ibhekene naMaZulu FC.

Lo mdlalo uphele ngo 1-1 kanti uGlody Lilepo weChiefs ugeje iphenathi.

Ngaphandle kwalokho iChiefs bekumele iwunqobe lo mdlalo ngegoli likaPule Mmodi, eliqedelwe uKhanyiso Mayo eyi-offside kungenasidingo, ngoba vele beliya phakathi.

UDarren Johnson, ongunozinti woSuthu, uvimbe amabhola amabi abethunyelwa abadlali beChiefs, waze waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Mhlawumbe ngihlukile ekuhlaziyeni imidlalo uma ngiqhathaniswa nani,” kuqhuba uBroos.

“Kodwa ngeke ngithi ngibone umdlalo omuhle izolo. Ngifuna ukubona eminye imidlalo lapho bekhombisa khona ukulwa futhi bedlala namaqembu angcono.”

 

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozinti: Ronwen Williams, Sipho Chained, Ricardo Goss

Abasemuva: Malibongwe Khoza, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Khulumani Ndamane, Mbekezeli Mbokazi, Thabang Matiludi, Samukelo Kabini, Nkosinathi Sibisi

Esiswini: Teboho Mokoena, Sphephelo Sithole, Bathusi Aubass, Thalente Mbatha

Amafolosi: Thapelo Morena, Oswin Appollis, Sipho Mbule, Iqraam Rayners, Lyle Foster, Tshepang Moremi, Mohau Nkota, Relebohile Mofokeng