EzakamuvaIbhola

UMorgan Mammila uzibeka ezingeni likaBenni McCarthy 

Njabulo Shezi

Ukhulume isimanga umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila, ethi kuyamcasula ukungatshazwa kwekhono lakhe lokuqeqesha ngenxa yokuthi akanamava. 

Ezivikela kulokhu kungatshazwa kwakhe, uMorgan Mammila uze wathi ngesikhathi uBenni McCarthy eqala ukuqeqesha akazange abhekane nemibuzo efana nale ebuzwa ngaye. 

Nokho ke uMcCarthy, owayengumgadli ophambili kwiBafana Bafana, uneziqu eziphezulu zokuqeqesha njengoba ene-Uefa Pro License.

Futhi kumanje uMcCarthy usebenza kwiManchester City njengomqeqeshi wabagadli ngaphansi kuka-Erik Ten Haag. 

Nokho uMorgam Mammila uzobona esezingeni elifanayo nale nkakha njengoba ethi uMcCarthy wanikwa ithuba kwiCape Town City nakuMaZulu engenawo amava. 

Ukuqashwa kukaMammila njengomqeqeshi kwiChippa United ngesizini edlule kwamangaza abaningi njengoba ebaziwa eyisikhulu kuleli qembu. 

Yize aqala kahle ewina imidlalo embalwa okubalwa kuyo noweChiefs, izinto zabuye zasinda wagcina exoshiwe. 

Wabe eseqashwa kwiMoroka Swallows la abesebenzisana khona noMusa Nyatama bevikisa leli qembu izembe. 

Nokho ube esebuyiswa kwiChippa la afike wathi uzoqopha umlando ngokuba ngumqeqeshi wokuqala wokuyiqala aze ayiqede isizini kuleli qembu. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi akacucuzi uma enganelisekile ngomqeqeshi. 

Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa isizini yeDStv Premiership ka-2023-24, uMammila uthe udidekile ngemibuzo eminingi mayelana neziqu zakhe. 

Uthe nabanye abaqeqeshi abasesimweni esifanayo (sokuba neziqu ezingekho ezingeni) abaphathwa ngendlela efanayo.

“Uyazi uma ufunda esikoleni samabanga aphansi ufica labafana abawaphindaphinde wonke amabanga” kusho uMammila.

“Baphinda wonke amabanga; kodwa bazokutshela ukuthi isayensi inzima kangakanani (ngoba) bona kade ibehlula.

“Khumbula ukuthi asikho isidingo sokuthi sifane nabo lapho kumele sibe ngamaphini abaqeqeshi iminyaka engu-10 noma emihlanu. 

“Sizalwa ngezindlela ezehlukene. Ngaba yiphini izinyanga ezimbili (likaDiane Klate noKurt Lentjies kwiChippa), ukusuka lapho ngaba umqeqeshi omkhulu.”

UMorgan Mammila useneziqu zeSafa D License. Uthi akazi kungani lokho kuyinto enkulu ngoba noMcCarthy akazange abuzwe ngeziqu zakhe. 

FUNDA NALA: Sekumele iveze ukuqina kwayo iBanyana kowe-Italy

“Ngoba sekunguMorgan manje sekukhulunywa ngeziqu… Futhi uma ubheka, ake sikhulume iqiniso, abaqeqeshi abaningi abanazo iziqu.

“Kodwa bekuhlaselwa mina ngqo. Angazi ukuthi kungani, kodwa angikunakanga futhi bheka lapho ngikhona manje.”