EzakamuvaIkhilikithi

IDolphins izobhekana neLions kowamanqamu weT20 Challenge

I-Hollywoodbets Dolphins izibekisele indawo kowamanqamu weCSA T20 Challenge kulandela ukushaya iWarriors ngamawikhethi amahlanu eKingsmead Stadium, eThekwini, ngoLwesine.

Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu laseThekwini selizogadulisana neLions emdlalweni wanqamu eWanderers Stadium, eGoli, ngeSonto.

Ukaputeni weDolphins, uPrenelan Subrayen, uwine ithosi wakhetha ukushwiba kuqala.

Izivakashi aziqalanga kahle njengoba zilahlekelwe uJiveshan Pillay kwi-over yesithathu. 

UMatthew Breetzke, ebambisene nowayedlalela kwiDolphins eqenjini elinca esakhula, u-Andile Mokgakane, bawushayelile umkhumbi weWarriors bebeka ama-run angu-78 kwi over yesishiyagalolunye.

Ngemuva kokuphuma kukaBreetzke, uMokgakane uqhubekile wadedela odalimende bo-4 no-6.

Ugcine eqobele ama-run angu-77, uMokgakane okuyisibalo abeqala ukufika kusona kwi T20.

I-Warriors ihlanganise ama-run angu-161, okuyisibalo esihle kwazise emiqhudelwaneni wakulo nyaka kusenzeke kanye ukuthi iqembu elibeke ama-run angaphezulu kuka-160 lingawini.

UKhaya Zondo ovulele iDolphins kwi-innings yesibili ungene enkundleni kwezwakala. 

Ubejabulisa inkundla, engesabi neze ukushaya ibhola. 

Uphume nge-run out ekhishwa uBeyers Swanepoel kodwa umonakalo ubesewenzile. 

Uqobele ama-run angu-49 ngokukhulu ukushesha.

Kungene u Jon-Jon Smuts naye wabeka ama-run ebhodini wakhishwa uSiya Simetu.

IDolphins izothola ithuba lokuziphindiselela kwiLions ngoba la maqembu ake abhekana kowamanqamu weCSA T20 challenge eminyakeni emithathu edlule.

 ILions yagcina iyiqukula le ndebe ekhaya leDolphins, eThekwini. IDolphins iphinde yakhala ngaphansi kowamanqamu ngo-2022 iguqiswa yiTitans.