EzakamuvaIbhola

Sekumele iveze ukuqina kwayo iBanyana kowe-Italy

Sihle Ngubo

IBanyana Banyana kumele ifele enkundleni kowokugcina wamaqoqo weNdebe yoMhlaba lapho izobhekana ne-Italy ngoLwesithathu ngo-9 ekuseni. 

Iqembu lakuleli lizifake lona ingcindezi ngokudedela amaphuzu seliwaphethe emidlalweni emibili yokuqala yeNdebe yoMhlaba eqhubekayo eNew Zealand nase-Australia. 

EzikaDesree Ellis ziqale zadedela iSweden seziyibambile zagcina zishaywe ngo 2-1 emdlalweni wokuqala.

Kube yisimo esifanayo iBanyana lapho ibihamba khona phambili ngo 2-0 ibhekene ne-Argentina kodwa umdlalo wagcina uphele ngo 2-2. 

Lokhu kubakhubaze kakhulu imimoya abadlali beBanyana abavele bakhala ngemuva komdlalo.

“Kube yinto ephoxayo ukudedela umdlalo kade sihamba phambili ngo 2-0. Nokho kumele sibheke phambili silungiselele umdlalo olandelayo ne-Italy,” kusho umgadli weBanyana uThembi Kgatlane.

Lo mgadli kuzobhekwa kuyena amagoli uma iqembu laseNingizimu Afrika selitholana phezulu namaNtaliyane ngoLwesithathu. 

I-Italy iyashayeka futhi lokho kucace bha kade iguqiswa yiSweden ngo 5-0 ngeSonto. Kodwa ke lokhu kungayenza ibe yingozi ngoba izobe ifuna ukujika izinto.

Okudingwa iBanyana amaphuzu amathathu bese idlulela esigabeni esilandelayo. Inephuzu elilodwa kanti ihleli endaweni yesithathu. 

Mabili amaqembu adlulayo eqoqweni ngalinye kanti iSweden ivele isizibekisele indawo esigabeni esilandelayo.

Uma iBanyana ingaphumelela ukushaya I-Italy ingabe iqophe umlando ngokuwina umdlalo weNdebe yoMhlaba okokuqala nokudlulela phambili okokuqala. 

Ivele seyenze kangcono ngokushaya amagoli amathathu, okusele nje ukuthi izame ukungadedeli kakhulu emuva okuyinto eyenzele phansi kakhulu emidlalweni emibili edlule.

Uma yehlulekile ukudlulela phambili, kungenzeka ihlangatshezwe amazwi angemahle okuthi umqeqeshi akashiye kuleli qembu. 

FUNDA NALA: Iyakhula ingcindezi kuSiyabonga Ngezana oyinjini kadizili phesheya

Baningi abangeneme ngaye njengoba bemsola ngokwenzelela ngokuthi akamdlalisi unozinti u-Andile Dlamini kodwa ubelesele ngoKalyn Swart ongenzi kahle.