UMngqithi uhlabe wahlikiza abadlali beGhana ‘abazithwele’
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ubona abadlali beGhana begcwele ukuzithwala kakhulu ngoba nakhu iningi labo lidlala e-Europe.
UMngqithi, osebenzisana neSABC ukuhlaziya imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon), uyihlabe wayihlikiza indlela evala ngayo emuva iGhana.
I-Black Stars iyiqale ngebatha imidlalo ye-Afcon, ebanjelwe e-Ivory Coast, ngesikhathi ithola isibhaxu sika 2-1 kwiCape Verde, ngeSonto.
“Kumele sikuqonde ukuthi ukudlala e-Europe akusho ukuthi ungumdlali ongcono,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo.
“IGhana inabadlali abagijima kumaligi aphezulu e-Europe kodwa bayehluleka ukubhekana nezimo ezifana nalezi (ukuvala emuva).
“Ubona umdlali weGhana ezihambela kancane nje, esikhundleni sokugijima ayosiza emuva.
“Kunabadlali abacabanga ukuthi basezingeni elingcono ngoba badlala e-Europe, ngakho ngeke bazikhandle.
“Yini ungavele uzihlalele ekhaya, bese udedelele ithuba labo abalambele ukudlala.”
IGhana ngelinye lamazwe ahlome ngabadlali abaningi abadlali phesheya.
Kulaba badlali kukhona u-Andre Ayew (ukaputeni) nomnewabo uJordan Ayew.
Nokho sekucacile ukuthi lokho akusebenzi kule Afcon.
FUNDA NALA: Ujabulele impilo entsha kuMaZulu obekhuhla ibhentshi
Ne-Egypt ibanjwe yiMozambique ngo 2-2, yize inobisi lwabadlali abaholwa ukaputeni uMohamed Salah, odlalela iLiverpool yase-England.

