EzakamuvaIbhola

Owe-Arrows uphawula ngamahlebezi okuhalelwa yiPirates

Njabulo Shezi

Isitobha seGolden Arrows uSicelo Hlatshwayo usegcine ebhobokile ngamahlebezi abegcwele yonke indawo okuthi engase adlale kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.

UHlatshwayo, usayinwe yi-Arrows esuka kwiMarumo Gallants yaseLimpopo maphakathi nesizini edlule. 

Ufike nomehluko odongeni lwasemuva kuBafana Bes’thende futhi ugcine engomunye wabadlali okubonakala abaqeqeshi bezokwakhela phezu kwabo. 

Nokho kuke kwavela amahlebezi okuthi lokhu kudlala kahle kwakhe sekuhehe amehlo amaqembu amakhulu okukhona kuwo nePirates. 

Kuvamise ukuthi umdlali aphazamiseke, agcine engasahlalisekile ngoba inhliziyo seyifisa ngabe useya kuleli qembu okuthiwa liyamhalela.

Kodwa uHlatshwayo, oneminyaka engu-29, uthi lamahlebezi amfake umfutho wokuthi asebenze kakhulu kule sizini ezayo. 

“Angithandi ukukhuluma kakhulu ngokumataniswa ne-Orlando Pirates ngoba ayikaze isho lutho kimi,” ucashunwe esho kanje lo mdlali ngabeSABC Sport

“(Kodwa) Kuyangigqugquzela ukuthi ngiqhubeke nokuzikhandla, kungenza ngifune ukwenza kahle kwi-Arrows. 

“Ngifuna ukuqinisekisa ukuthi ngiyalijabulisa leli qembu ngoba lingiphethe kahle kakhulu.” 

Ubekhuluma ngesikhathi leli qembu libize abezindaba ukukhuluma ngomdlalo walo wokuqala weDStv Premiership ngempelasonto.

I-Arrows izoqala umkhankaso wayo weDStv Premiership ngeMoroka Swallows enkundleni yayo yasekhaya entsha iMpumalanga Stadium, eHammarsdale. 

UHlatshwayo uthi njengoba iBafana Bafana iya kwiCaf Africa Cup of Nations ngoJanuwari nje, engajabula ukuhamba nayo.

Yingakho esezibeke umgomo wokuthi adlale kahle ukuze ahehe amehlo omqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos.

“Into engizibekele yona kule sizini wukuthi ngidlale imidlalo eminingi ukuze ngithole ithuba lokudlala eqenjini lesizwe. 

FUNDA NALA: UReeve Frosler ushaye ngamafuphi ebuzwa ngebelimfuna phesheya

“Ngifisa nokuthi siqede endaweni yesihlanu kuya phezulu kwilogi,” kuqhuba le nsizwa edabuka eNewcastle, enhla neKwaZulu-Natal.